KUNCONYWA ubuhlakani bentokazi yaseDannhauser ivula elinye ibhizinisi.
UZinhle Jiyane owaziwa kakhulu ngelikaDJ Zinhle unikele ezinkundleni zokuxhumana eveza ubukhazikhazi bebhizinisi lakhe elisha.
Le ntokazi ichaze le ndawo njengesigodlo, ngoba inika amakhasimende inhlanganisela yezinto azidingayo neziseqophelweni eliphezulu.
Lapha kudayiswa izinwele zikanokusho, kukhona nabasebenzi abakusizayo ngokuzixhuma lezo zinwele nabanye abasebenza ukuphaqula kahle amakhasimende.
IHairmagesty okuyigama lalesi sitolo sikaZinhle, ivulwe enxanxatheleni yezitolo iMall of Africa ngoMgqibelo emini.
Abantu abawuvali umlomo ngobuhle bale ndawo, bancoma kakhulu le ntokazi ngokusebenza ngokuzikhandla nokuvula amathuba emisebenzi.
Have you seen the #HairMajestybyDJZinhle flagship store yet? It is a shapeshifter, an inspiration to entrepreneurs and a bold (and beautiful) message that black women CAN have a luxurious grooming experience! Congratulations @DJZinhle pic.twitter.com/SPSmd9V0bI
— Entelo Strategic Communications (@EnteloComms) October 1, 2022
@Thato04625284: Ngibuya khona kulesi sitolo futhi engingakusho wukuthi ngikuthakasele kakhulu, abasebenzi bakho bahamba phambili, 😍😍😍 nakanjani ngizobuyela kusasa ngiyothenga i-22"
@Mxolisi72383242: Ngiyakubongisa Sesi wami.
@PinkyD88: Ngempela uyindlovukazi. Ungowokuqala ukunikwa leli gama eMzansi futhi kuyangithokozisa ukuthi uyaliphila. Qhubeka uqhakaze mami, uNkulunkulu unawe.❤🔥👸🥳🥂
@Sbosh_Selepe: Halala Zinhle🎉🎊🙏❤️❤️ yenza, udale amathuba emisebenzi abakuzondayo abazikhunge.