Kubuzwe ukuthi usethathile yini, inqwaba yathi ingebe nankinga yokuba “abakhwekazi” unozinti weBafana Bafana, uRonwen Williams, ngemuva kokuvimba amaphenathi amane elakuleli likhipha iCape Verde emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoMgqibelo.
UWilliams (32), ongukaputeni weqembu lesizwe eliyibambe e-Ivory Coast, uhole iBafana yangena kowandulela owamanqamu ezowudlala neNigeria ngoLwesithathu.
Lolu fahlasi lukanozinti belungenagazi kangako kwabaningi ngenxa yomlando onogcobho uma evimbele iBafana. Abaningi basambambele amagqubu okuthi wangenelwa ngamagoli ayisihlanu ngesikhathi iBafana ithelwa yiBrazil ngehlazo lika 5-0 ngo-2014. Uphinde wangenelwa yisibalo esifanayo ngesikhathi elakuleli lixetshulwa yiFrance ngo 5-0 ngo-2022.
Ngaphandle kokuthi uWilliams uzifake ezinhliziyweni zabalandeli bebhola bakuleli ngoMgqibelo, kube yizintokazi ezifise ukwazi kabanzi ngaye ezinkundleni zokuxhumana. Ezinye zezintokazi zincome zaze zathi le nsizwa yaseGqebera ifanelwe yikho konke ekufunayo.
Ekhasini le-Facebook leSolezwe, uDumi MinNie MinNie, uthe:“ Yaze yayinhle indlondlo yamapali.”
Ozibiza ngoBuleh Zinhle Moyana, ubhale ukuthi:“ Isithandwa sethu lesi lo nozinti wakuleli.”
USlindile Mbatha uthe: “Siyi ladies, besicela adlule athathe u-kiss uma esebuya. Somlinda e-airport.”
USindisiwe Mvelase utekule ngokuthi: “Usengubaba kimi Williams”
Abanye bebegcizelela ‘eyokufakisa isandla’ kukaWilliams, kubongwe umsebenzi awenzele uMzansi. Leli temu lisebenza ezinkundleni zokuxhumana uma kuqondwe ukwenzela owesilisa into ezomjabulisa.
Ozibiza ngoZanie MakaNtsikie Zncume ubhale ukuthi: “Lalela wena vede sesiplanile nje inyanga yonke uyobek’ isandla nje.”
USindi Gwala uthe:“ Nimtshele eze eMnambithi ngizomthintisa incence.”
Cishe seziyoxola izintokazi njengoba lo nozinti engakaze akufihle ukuzinikela kwakhe kunina wengane yakhe uRoshni.
UWilliams uphenduka intandokazi nje, baningi abadlali abanogazi kwabesifazane ebholeni laseMzansi. Kulaba badlali kukhona unozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune obhale kwi-Instagram yakhe encoma umsebenzi kaRonwen.
UKhune wayengaconsi phansi emuva kokuvimba iphenathi ngesikhathi iBafana ibhekene neMexico emdlalweni wokuvula weNdebe yoMhlaba ka-2010 eNingizimu Afrika. UWilliams neqembu lonke leBafana, babuyise injabulo nesasasa ngeBafana eNingizimu Afrika yonke.