LUGCINE lufikile usuku abekade belulindile abalandeli beqembu laseFrance, iRacing 92, ngesikhathi bethola ithuba lokubona ukapteni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi edlalela iqembu labo okokuqala.
UKolisi wamemezela ngoJanuwari ukuthi uzoyilishiya iqembu lakuleli, iSharks, ngemuva kweNdebe yoMhlaba, ayogijima kwiRcing 92, edlala kwiligi yaseFrance iTop 14.
Ubehola amaBhokobhoko ngesikhathi evikela iNdebe yoMhlaba, khona eFrance, ngenyanga edlule, nokuphinde kwenza abalandeli beqembu lakhe elisha balindele lukhulu kuyena.
Udlale okokuqala benqoba iLa Rochelle ngo 32-10 emdlalweni weTop 14, eParis La Defence Arena, ngeSonto.
Ngemva komdlalo uKolisi uthole ithuba lokuyobhiyoza nabalandeli abebekhombisa ukulithakasela ithuba lokumbonela eduze.
Ngaphandle kokuba ngomunye wabadlali abahamba phambili emhlabeni abadlala kwi-flank, uKolisi uphinde abe yisilomo nasezinkundleni zokuxhumana ngenxa yama-video ajwayele ukuwafaka lapho ebonakala khona edansa noma ecula nomkakhe, uRachel, nomndeni wabo.
Isibalo sabantu abamlandelayo ku-Instagram sisanda kudlula ku-1 million, okumenza abe ngumdlali wakuleli wombhoxo onabalandeli abaningi kunabo bonke kule nkundla yokuxhumana.
La danse de Kolisi pour sa 1ère victoire 🕺#TOP14 pic.twitter.com/BeL22iuYT5
— TOP 14 Rugby (@top14rugby) November 27, 2023
Ulandelwa nguCheslin Kolbe onabalandeli abangu-665K, nesinye isilomo samaBhokobhoko, uFaf de Klerk, onabalandeli abangu-533K.
Khonamanjalo, uKolisi ungesinye sezihlabani zamaBhokobhoko ezizobanga indondo yokuba ngumdlali ovelele embhoxweni wakuleli onyakeni ka-2023.
UKolisi uzobanga indondo yeSA Rugby Men’s Player of the Year nozakwabo eqenijini lesizwe uPieter-Steph du Toit, Eben Etzebeth, Frans Malherbe noDamian Willemse. I-SA Rugby imemezele uhlu lwabaqokiwe ngoLwesibili ekuseni.
Abazonqoba emunxeni ngamunye bazomenyezelwa emcimbini ozokwenziwa ngesekuqaleni konyaka ozayo. Usuku alukamenyezelwa kodwa kulindeleke ukuthi kube ngasekupheleni kukaJanuwari.
Kwabesifazane kuqokwe u-Nadine Roos, ozobe ebheke ukuvikela isicoco sakhe kulandela ukuqokwa njengeSA Rugby Women’s Player of the Year ka-2022. Kulokhu indondo uzoyibanga nabanye abadlali bamaBhokobhoko esifazane, u-Aseza Hele, Babalwa Latsha, Libbie Janse van Rensburg no-Rights Mkhari.
n Uhlu lwabaqokelwe ama-SA Rugby Awards ka-2023
SA Rugby Men’s Player of the Year: Pieter-Steph du Toit, Eben Etzebeth, Siya Kolisi, Frans Malherbe, Damian Willemse.
Springbok Women’s Player of the Year: Aseza Hele, Libbie Janse van Rensburg, Babalwa Latsha, Rights Mkhari, Nadine Roos.
SA Rugby Young Player of the Year: Sacha Feinberg-Mngomezulu (DHL Stormers), Jaden Hendrikse (Springboks / Hollywoodbets Sharks), Canan Moodie (Springboks / Vodacom Bulls), Evan Roos (Springboks / DHL Stormers), Ruan Venter (Emirates Lions).
Springbok Sevens Men’s Player of the Year: Ricardo Duarttee, Christie Grobbelaar, Shilton van Wyk.
Junior Springbok Player of the Year: Corne Beets, Paul de Villiers, Damian Markus.
Team of the Year: Toyota Cheetahs (Currie Cup), Springboks, DHL Stormers (Vodacom URC).
Coach of the Year: John Dobson (DHL Stormers), Hawies Fourie (Toyota Cheetahs), Jacques Nienaber (Springboks)
Currie Cup Premier Division Player of the Year: Tinus de Beer (Airlink Pumas), Ruan Pienaar (Toyota Cheetahs), Devon Williams (Airlink Pumas).
Currie Cup First Division Player of the Year: Keagan Fortune (Valke), Darian Hock (Boland Kavaliers), Cameron Hufke (Boland Kavaliers).