IQEMBU lase-Ireland, i-Ulster likuqinisekisile ukuthi umdlali wamaBhokobhoko uSteven Kitshoff, uzobuyela eNingizimu Afrika kulandela ukulimala edolweni.
U-Kitshoff ogijima phambili kwi-prop, ulimale ngesikhathi iqembu lakhe linqotshwa yiClermont Auvergne yase-France kwi-quarter-final yeChallenge Cup ngo-Ephreli 13. Udlale imizuzu engu-55 kulowo mdlalo ngaphambi kokuthi akhishwe.
Ube esexilongwa ngongoti, kwavela ukuthi usekude ukululama.
Yize i-Ulster isiphumile kwiChallenge Cup kodwa isasethubeni lokudlulela kweyomkhumulajezi kwi-United Rugby Championship, lapho ilele khona endaweni ka-10 ngamaphuzu angu-39.
“USteven Kitshoff ulimale edolweni sidlala neClermont emdlalweni weChallenge Cup. Ngemuva kokumhlolisisa, ochwepheshe baphume nombono wokuthi ngeshwa ngeke esadlala kule sizini,” sifundeka kanje isitatimende esikwi-website ye-Ulster.
"Uzobuyela eNingizimu Afrika kuleli sonto, lapho ezobonana nodokotela ongungoti ekulapheni amadolo ukuze aqale uhlelo lokwelashwa oludingekayo," kusho isitatimende.
Akukacaci okwamanje ukuthi uKitshoff uzokwazi yini ukuba yingxenye yeqembu lesizwe elizoqala isizini ngokubhekana neWales kwiQatar Airways Cup ngoJuni bese ligadulisana nompetha beSix Nations, i-Ireland, ngoJulayi.
Ukulimala kwakhe kusho ukuthi buphele kabuhlungu ubudlelwano bakhe ne-Ulster njengoba bese kuvele kuqinisekisiwe ukuthi uzobuyela eqenjini lakhe lakudala, iDHL Stormers ngesizini ezayo.
KumaBhokobhoko uKitshoff ijezi ulibanga no-Ox Nche noTrevor Nyakane, okwaziyo ukudlala kuzona zombili izinhlangothi kwi-prop.
Uma kwenzeka lo mdlali oteketiswa ngelika-”Spicy Plum’ egcine engalulamanga ngesikhathi, umqeqeshi uRassie Erasmus angabheka nezinye izikhondlakhondla ezifana noThomas du Toit, Ntuthuko Mchunu nabanye.