UKAPUTENI weBafana Bafana, uRonwen Williams, uyena oncengele, uRelebogile Mofokeng, ukuba azwiswe imizuzu yokugcina yomdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 leli qembu lesizwe eliwunqobe kwiZimbabwe ngo 3-1 ngoLwesibili eFree State Stadium, eBloemfontein.
Ngasekupheleni kwalo mdlalo iBafana ewunqobe ngamagoli, ka-Iqraam Rayners namabili kaThapelo Morena, kungene isithandwa sabalandeli be-Orlando Pirates, uMofokeng osematheni kulezi.
Lesi siphekepheke esineminyaka engu-19, singene sesimamatheka kulo mdlalo kwachwaza inkundla yonke yize kudlule umzuzu owodwa umdlalo waphela sisalithinte kanye.
UMofokeng ungomunye wabadlali abebegqamile emiqhudelwaneni eyahlukene yePremier Soccer League (PSL) ngesizini edlule, okuholele ukuthi uBroos amfake esikwatini sakhe abezobhekana ngaso neNigeria ngeledlule neZimbabwe kweyokuhlungela u-2026.
Ngokusho kukaBroos phambi kokuthi iBafana ifulathele leli ibheke eNigeria ngeledlule, uMofokeng bekuzohanjwa naye ngenhloso yokuthi azobona ukuthi izinto zenziwa kanjani eqenjini lesizwe.
Nangesikhathi lo mqeqeshi waseBelgium esekhuluma nabezindaba esithangamini abenaso nabo emuva komdlalo ngoLwesibili, uveze isenzo sikaWilliams asichaze njengesisidweba sicace isithombe sokuthi uneqembu elibumbene kangakanani.
“Umdlalo usuyophela uWilliams ungibuze ukuthi ngicabangani ngokuzwisa uRele (Mofokeng) kwazise besivele siwina nami-ke ngangalibona iphutha ngamfaka umfana,” kusho uBroos.
“Lesi senzo siyakucacisa ukuthi iqembu engiliphethe libunjwe ngabadlali asebefana nabantu bandawonye okuyinto engajabulisa noma imuphi umqeqeshi.
“Okungichaze kakhulu ukubona injabulo ebusweni bakhe uMofokeng. Uwuhlobo lomdlali ongakuvulela kuvaliwe ngelinye ilanga ngakho-ke ngineme ngokuthi useyaqala ukuzifaka kulo mndeni,” kuqhuba uBroos.
Lo mqeqeshi ukhumbuze abezindaba ngezenzo ezifanayo zikaWilliams eminyakeni edlule, lapho acelela, uVeli Mothwa noMelusi Buthelezi, ukuba bazwiswe imizuzu embalwa bedlubhe umfaniswano weqembu lesizwe.
“Lokhu okwenziwa uWilliams kuyangijabulisa ngoba kungivezela ubungani obakheka kuleli qembu okuyinto engiphupha ngayo njengabo bonke abaqeqeshi abakhona emhlabeni.
“Angingabazi ukuthi nginomholi kuWilliams futhi kuqinisa idolo ukuthi ulokhu eqhubekile nokuziveza ukuthi unobuntu kangakanani futhi uzimisele kangakanani ukusiza abanye bafeze izifiso zabo.”