UKAPUTENI weSuperSport United, uThulani “Tyson” Hlatshwayo, uyishayela phansi eyokufuna ukuziphindiselela kwiKaizer Chiefs ebathele ngehlazo emdlalweni weCarling Knockout ngempelasonto edlule.
ISuperSport izophinda igadulisane neChiefs emdlalweni weBetway Premiership ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo, ngMgqibelo ngo-5.30 ntambama. Kwenzeka lokhu nje, kusaphele isonto Amatsatsantsa exetshulwe ngaMakhosi ngo 4-0 koweCarling kuyona le nkundla. Lokhu akwehlanga kahle ekhempini yeSuperSport kwazise ihlulwe yinqwaba yamathuba okushaya amagoli kulo mdlalo. Maphakathi nesonto, omakhelwane beChiefs, i-Orlando Pirates, bengeze izinkinga zaMatsatsantsa bewahlula ngo 2-0 emdlalweni weligi. Emidlalweni eyisikhombisa esadlalwe yiSuperSport emiqhudelwaneni eyahlukene kule sizini, isawine kanye, yahlulwa kweyisihlanu, yashaya amagoli amabili, yangenelwa angu-12.
UHlatshwayo, obesebhentshini ngesikhathi bethelwa ngehlazo yiChiefs, uthe lesi yisikhathi sokuthi babumbane beyiqembu.
“Ngokwemiphumela esisayitholile, akuhambi kahle. Sidlale nawo womabili amaqembu amakhulu esontweni elilodwa. Kwesinye isikhathi singabadlali siyafuna ukudlala le midlalo kodwa ukuyiwina ngolunye udaba. Asinaso isikwati esikhulu futhi asinabo abadlali abaningi abasezingeni eliphezulu. Kodwa sibhekana nomdlalo ngamunye. Manje omunye umdlalo uyeza, omkhulu futhi. Sidlalile nabo kwiCarling, siyakwazi okwenzeke ePolokwane. Lesi yisikhathi sokuthi sibambane siyiqembu, singabadlali siqinisekise ukuthi siyaqina,” kusho uHlatshwayo.
ISuperSport iqale isizini iqhuga kwazise yalinyalelwa ngabadlali abamqoka okubalwa kubona umakadebona womgadli, uBradley Grobler, Grant Magerman noGhampani Lungu. Bobathathu kuvele ukuthi sebeqalile ukuziqeqesha neqembu. Ukulimala kwalaba badlali kusho ukuthi uHlatshwayo uthwele umthwalo wokuqinisa idolo abadlali abasebancane abanyuselwe esikimini esikhulu.
Enkundleni kusasa, kulindeleke ukuthi amake umgadli weChiefs, uRanga Chivaviro, obewuhlupho ngempelasonto edlule. UChivaviro ushayele Amakhosi igoli lesithathu lomdlalo. Amakhosi awine imidlalo emithathu kwemine yeligi kule sizini futhi awakaze aphume enkundleni engalishayanga igoli.
“Isifundo esiphume naso emdlalweni odlule wukuthi ukuba siwasebenzisile amathuba izinto bezizoshintsha kakhulu. Siyiqembu eliqonda phambili, ngakho kumele siqiniseke ukuthi siyavala emuva. Nakuba sihlasela kodwa abasilandeli uma siya phambili, abayilandeli indlela esidlala ngayo. Thina asiyishintshi indlela esidlala ngayo esimandla kuyona. Lokhu kusho ukuthi kulokhu kufanele siqine emuva,” kusho uHlatshwayo.
“Umqeqeshi (Gavin Hunt) uzokhuluma ngalo mdlalo, abone izikhala abazisebenzisayo uma sihlasela. Okwethu wukuqinisekisa ukuthi asikuphindi okwenzekile. Kuzoba wumdlalo omuhle. Yebo, basihlule ngo 4-0 kodwa bayazi ukuthi ukuba siwasebenzisile amathuba ngabe akwenzekanga lokhu. Ngeke ngisho ukuthi sifuna ukuziphindiselela kodwa alikho iqembu elifuna ukwehlulwa ngelinye kabili kulandelana.”