KUVELA ukuthi iKaizer Chiefs ike yabuza ngoTendai Ndoro ongenaqembu ngemuva kokudedelwa i-Ajax Cape Town ngesizini edlule.
UNdoro ubesematheni ngemuva kokuthi i-Urban Warriors, obese kuyiqembu lesithathu ukulidlalela kwisizini eyodwa, imdlalise kungafanele. Lokhu akuhambisani nemithetho yeFifa egunyaza umdlali ukuthi adlalele amaqembu amabili kuphela ngesizini eyodwa.
I-Ajax ilahlwe yicala okwabangela osekubangela ukuthi igijime kwiNational First Division (NFD). UNdoro yena okwamanje uhlezi ekhaya akanaqembu.
I-Independent Media, Isolezwe elisesibayeni sayo, ithole ngomthombo osondelene naye ukuthi iChiefs ike yabuza ngomdlali waseZimbabwe.
“IChiefs ifonele imenenja kaNdoro (UDumezweni Nkiwani) imbuza ngesimo sakhe. Kubonakala sengathi iyamfuna kodwa izingxoxo azikaqali. Imenenja yakhe isilinde iChiefs ukuthi ibuyele kuyo,” kusho umthombo.
IChiefs isayinise uKhama Billiat ukuqinisa amafolosi abadlali bayo kanti kukhona uGustavo Paez, Bernard Parker, Ryan Moon noLeonardo Castro.
Amakhosi angamsayinisa umdlali wangaphandle. UTeenage Hadebe, Paez, Castro no-Andriamirado Andrinarimanana yibona kuphela abasayinwe njengabangaphandle. UWillard Katsande usenabo ubuzwe baseNingizimu Afrika ngakho akathathwa njengowangaphandle.
Umthombo uqhube wathi iBidvest Wits nayo ike yabuza ngoNdoro.
“Inkinga kube wukuthi yona isisiqedile isibalo sabadlali (abahlanu) bangaphandle. Kodwa amaqembu ahlezi eqhamuka namaqhinga uma umdlali emdinga ngakho kusengenzeka noma yini.”
UNkiwani ethintwa, uthe: “Yebo bakhona ababuzayo ngomdlali kodwa angikwazi ukubadalula. Uma kukhona okuhlanganayo sizomemezela. Okwamanje sisabheka ukuthi yikuphi lapho umdlali engasayina khona.”
Yize iChiefs idumile ngokungababheki abadlali abaqhamuka eZimbabwe, imenenja, uBobby Motaung, iyiphikile indaba kaNdoro.
“Ayikho into efana naleyo. Asikaze simcabange kwakona,” kusho uMotaung ngamafuphi.
Uma uNdoro egcina elitholile iqembu kuleli, ngeke alidlalele imidlalo emibili, ukuze adonse isigwebo asinikwa yiSafa ecaleni lakhe ne-Ajax yona eyaphucwa amaphuzu okuyishovele kwiNFD.