UMQEQESHI wonozinti kwiMamelodi Sundowns uWendell Robinson uthi inkulumo ekhulunywe umqeqeshi weBafana Bafana uStuart Baxter ngendodana yakhe, ayehli kahle kuyena.
URobinson uthe usazibuza namanje ukuthi iSouth African Football Association (Safa) ayimkhuzanga ngani lo mqeqeshi odabuka e-United Kingdom.
Kusuke omkhulu umsindo emasontweni edlule, ngesikhathi umqeqeshi wonozinti kwiBafana u-Andre Arendse kufanele ahoxe kwelesizwe kulandela ukugula kukankosikazi wakhe ngaphambi komdlalo weBafana neLibya eMoses Mabhida Stadium.
Lokhu kuphoqe ukuthi uBaxter athathe isinqumo ngokushesha mayelana nokuthi ubani ozovala isikhala sika-Arendse.
UBaxter ube esethatha indodana yakhe, uLee (Baxter), ukuba kube nguyena oyisisombululo sesikhashana ekuqeqesheni onozinti beBafana ngaphambi koweLibya.
Lesi senzo sisuse okukhulu ukukhuluma njengoba kube khona ukugxekwa kukaBaxter, abanye besola ukwenzelela ngoba nakhu kuyindodana yakhe. Bebebodwa abebesola lo mqeqeshi ngokungalihloniphi izwe, nokulibukela phansi ngokuqasha indodana yakhe.
Eziphendulela uBaxter uthe: “ULee kumfanele ukuthola lo msebenzi ngoba uneziqu eziwufanele nesipiliyoni ukudlula abaqeqeshi abaningi kwi-Absa Premiership”.
Iyona-ke le nkulumo, umqeqeshi wonozinti kwiSundowns, uRobinson, athe akayizwa kahle ukuthi uBaxter ubeze ayikhulume nje uyazazi yini iziqu zabo bonke abaqeqeshi baseNingizimu Afrika.
Uthe naye uyakholelwa ekutheni uneziqu ezifanele, futhi udlula inqwaba yabaqeqeshi kuleli.
URobinson uthe okuphoxa kakhulu ngalolu daba ukuthi iSafa, iyabazi cisho bonke abaqeqeshi bakuleli neziqu abanazo.
Uthe uyazibuza uyaziphendula ukuthi kungani iSafa ithulile yangamphendula uBaxter kwabekusho.
“ISafa iyona esifundisayo, ngakho bekumele isimele. Bekufanele imtshele uBaxter ukuthi kuyiphutha akushoyo,” uphethe kanje uRobinson.