UKUGQISHA ngabadlali abanesipiliyoni kweMagesi FC kumhlalise ngesinqe esisodwa, uJose Riveiro, opheka i-Orlando Pirates ngaphambi kokuyamukela emdlalweni we-Last 16 yeCarling Knockout namuhla ngo-3 ntambana, e-Orlando Stadium, eSoweto.
IPirates esashayela phezulu emuva kokudla i-MTN8 ihlandla lesithathu kulandelana, izokwamukela iMagesi emqhudelwaneni okuseyiwona wodwa osahlule uRiveiro ngaphandle kwesicoco seligi kusukela afika kuleli ngo-2002. EZimnyama zizobuyela enkundleni okokuqala kusukela ziphakamise indebe yeWafa Wafa emuva kokwehlula iStellenbosch eThekwini.
Lo mqeqeshi waseSpain, obekhuluma esithangamini nabezindaba ngezinhlelo zakhe zomdlalo, uchaze iMagesi njengeqembu okunzima ukulihlelela ngenxa yezizathu ezahlukene.
“Kumele siwunqobe noma kanjani umdlalo weMagesi kodwa lokhu akufanele kusivale amehlo bese siyakhohlwa ukuthi sibhekene neqembu elenza ngendlela encomekayo kweyeligi,” kusho uRiveiro.
“Ngaphandle kokuthi banogqozi lokuzibonakalisa esigabeni esikhulu, baholwa uClinton (Larsen) olazi ukusuka nokuhlala ibhola laseNingizimu Afrika.
“Imidlalo yalolu hlobo uLarsen ukwazi kahle okufanele akwenze ukuze anyomfe umcimbi weqembu elithathwa njengelikhulu. Uyakuqonda okufanele akusho kubadlali bakhe ukuze bezokhuthazeka ngale ndlela aziyo ukuthi izosithwalisa kanzima,” kuqhuba uRiveiro.
Okunye okubalulwe uRiveiro okungaba isithiyo kubona, ukuxuba kwesikwati seMagesi ngabadlali asebenokhakhayi oluqinile ebholeni laseNingizimu Afrika nabafana abancane abasalambele udumo.
“Engingakungabazi ukuthi abadlali beMagesi bawubona njengethuba lokuziveza umdlalo wePirates ngoba amehlo amaningi azobe ekuwona.
“IMagesi igqishe ngabadlali abasafuna ukuzibonakalisa ekubeni kunenqwaba yasebekubone konke esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika.
“Konke lokhu kuyizinongo nezinkomba zokuthi umdlalo uzobe ubukhuni satshe kithina. Yingakho kufanele sizibambe ziqine.
“Siyaqonda ukuthi kufanele kudlule iqembu elilodwa, ngakho-ke okwethu ukuqinisekisa ukuthi sisebenzisa esethu isipiliyoni sokuba sezimweni ezifuze lesi.
“Yonke imidlalo siya kuyona ngenqondo efanayo ngakho-ke nakulo asidingi ukutshelwa ngobunzima esiyobhekana nabo nangokufanele sikwenze ukuze siphumelele,” kusho uRiveiro.
Akubuzwa ukuthi ukuthi lo mqeqeshi uzolindela abafana bakhe baqhubeke nefomu enhle abasayikhombisile njengoba kusanda kuqala isizini ka-2024/2025. Kubadlali asebeyenzele lukhulu iPirates kukhona uMonnapule Saleng, Relebohile Mofokeng noTshegofatso Mabasa abashaye amagoli ewine ngawo iMTN8.
Imidlalo yeCaling Knockout Last 16:
NgoMgqibelo ngo-3pm: Polokwane City v Marumo Gallants (Old Peter Mokaba); Orlando Pirates v Magesi (Orlando Stadium).
Ngo-6pm: Mamelodi Sundowns v Golden Arrows (Lucas Moripe Stadium).
Ngo-8pm: SuperSport United v Kaizer Chiefs (New Peter Mokaba); Cape Town City v Royal AM (Athlone Stadium).
NgeSonto ngo-3pm: TS Galaxy v Chippa United (Mbombela Stadium).
Ngo-5.30pm: Richards Bay v Sekhukhune United (King Zwelithini Stadium).