UFISA sengathi i-Orlando Pirates ingahlale ibhekene neMamelodi Sundowns umqeqeshi wayo, uJose Riveiro, ngoba ukholelwa ekutheni yileli qembu laseChloorkop kuphela eligini enkulu yaseNingizimu Afrika elinamava okubashiya nezifundo ezibenza babengcono njalo ngemuva komdlalo.
Lo mqeqeshi waseSpain ubekhuluma ngemuva kokunqoba ngo 2-1 kwiSundowns abaningi abayibona isivele igoduke naso isicoco seligi sehlandla lesishiyagalombili kulandelana.
Imbangela yokuba undabizekwayo kowePirates neSundowns odlule yigebe iDowns elivule esicongweni lapho ikweletisa khona iBucs ngamaphuzu angu-15 yize ezikaRiveiro zisele ngemidlalo emine yeligi.
Ngokusho kukaRiveiro, iPirates ibuya nokuthile okuyikhulisayo njalo uma ibhekene naleli qembu elisanda kubanenebula ngo 4-1 koweligi eLucas Moripe Stadium, ePitoli.
URiveiro utshele abezindaba ukuthi isifiso sakhe esikhulu wukuthi iqembu lakhe lidlale njalo neSundowns ngoba lokhu kulenza libe ngcono.
Maningi amathuba okuthi iPirates ihlangane kabili neSundowns ingakapheli isizini kwazise la maqembu asekhona kwiNedbank Cup kanti basenganqwamana kwiCaf Champions League bobabili abakuma-quarterfinal ayo.
“Ayikho into enzima njengokudlala neSundowns ngoba inezimpendulo zayo yonke imibuzo oyibuza yona kodwa uma sekuyithuba layo ukuyibhekisa kuwena (leyo mibuzo) kuba nzima kakhulu,” kusho uRiveiro.
“Ngaso sonke isikhathi uma sibhekene neSundowns siyakhula ngakho-ke ngingalithakasela elinye ithuba lokubhekana nayo uma kwenzeka. IDowns inikana ithuba lokukhula. Ungawuphatha wonke umdlalo kodwa uma ubhekene nayo kufanele wazi ukuthi umsebenzi uphela uma unondweba eseyishayile indweba. Kunzima kodwa kuhle ukudlala neSundowns. Umqeqeshi oneqiniso uzokutshela ukuthi ukudlala neSundowns kuyasiza. Kulo wakamuva abasinenebule kuwona ngo 4-1, sibuye nezifundo ezifanayo nesizithole ngewini ka 2-1."
IPirates neSundowns bazobuyela enkundleni ngokubhekana ne-ES Tunis ekhaya neMC Alger yase-Algeria ekuhambeni ngo-Ephreli 1.