Inhloko yabaqeqeshi eqenjini lesizwe lakuleli lebhola lombhoxo, uRassie Erasmus, ikholwa ukuthi bazifezile izinto eziningi abebezihlelele umdlalo wokuqala wesizini neWales.
AmaBhokobhoko abedlala okokuqala kusukela anqoba iNdebe yoMhlaba ngo-Okthoba nyakenye, aguqise iWales ngo 41-13 eTwickenham Stadium, eLondon, ngempelasonto.
Ama-try eqembu lakuleli ashaywe nguJesse Kriel, Makazole Mapimpi, Bongi Mbonambi, no-Edwill van der Merwe, enye kwaba yi-penalty try. Eyokubika yeWales iqhamuke kukaputeni wayo uDewi Lake.
U-Erasmus uthe ukunqoba iQatar Airways Cup ngale ndlela ekubeni iqembu belishoda ngabanye abadlali abamqoka, kukhombisa ukuthi lisengathuthuka ngaphambi kokubhekana ne-Ireland nePortugal ngenyanga ezayo.
“Bekungewona umdlalo omuhle ngokuphelele. Senze amaphutha ambalwa, kwaba nezinto ezingahambanga kahle, kodwa kukhona okunye okuhambe kahle. Ngingasho ukuthi kube yisiqalo esihle,” kusho u-Erasmus.
“Sinabaqeqeshi abasha futhi besinabadlali abambalwa abebeqala ngqa ukudlalela iqembu lesizwe ngakho-ke kukhona esingakwenzanga ngendlela ebesifisa ngayo. Okusihlabe umxhwele wukuthi akekho umdlali okhombise ukungazimiseli noma ukungabi nawo umfutho odingekayo. Kuzothatha isikhathi ukuthi ezinye izinto zihlangane kahle.
“Okusemqoka wukuthi sizifezile izinhloso zethu nabadlali bakhombisa ukuthi bazimisele ukudlala kuleli zinga. Bekuwumdlalo onzima njengoba kuhlale kwenzeka uma sibhekene neWales. Singenelwe yi-try kodwa sashaya amahlanu futhi besingawathola namanye. Sisazozilungisa lezo zinto.”
U-Erasmus uthe ithimba lodokotela lisazohlola ukuthi ngabe bakhona yini abadlali abalimele liphinde lithole nemibiko ngabadlale kowamanqamu e-United Rugby Championship ngaphambi kokuqoka isikwati abazosisebenzisa ngenyanga ezayo.
AmaBhokobhoko azodlala ne-Ireland ePitoli ngoJulayi 6 naseThekwini ngoJulayi 13, ngaphambi kokududulana nePortugal eBloemfontein ngoJulayi 20.