UNOZINTI weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma, uzokwamukela noma isiphi isinqumo, kuHugo Broos, ongumqeqeshi weBafana Bafana okufanele akhethe isikwati sabadlali abangu-23 azodlala ngabo kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngenyanga ezayo.
UBvuma nokaputeni wakhe kulezi zinsuku kwiChiefs, uGiven Msimango, ibona kuphela abadlali abasemabhukwini aleli qembu laseNaturena abasesikwatini esimenyezelwe uBroos emasontweni adlule yize esazosinqamula.
Emasontweni amabili ezayo iBafana izoba nemidlalo emibili emqoka yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Owokuqala usekuhambeni neNigeria ngoJuni 7 bese kulandela oweZimbabwe ozodlalelwa eBloemfontein ngoJuni 11.
UBvuma usedlalele iBafana amahlandla amathathu kusukela ngo-2017.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba muva nje, eNaturena lo nozinti uzwakalise ukukhuthazeka ngokuvela kwegama lakhe kubadlali abasemehlweni omqeqeshi weqembu lesizwe.
“Noma ngabe yini eyenzekayo ngesikwati esizodlala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ayikho ezandleni zami kodwa okufanele ngikujabulele ukuthi igama lami liyabalwa,” kusho uBvuma.
“Okusemqoka ukuthi ngiqhubeke nalokhu engikwenzayo kodwa mhlawumbe ngiqaphele nakakhulu ngoba ukwenza kahle kwami kuzosiza neChiefs ukuthi yenze kangcono,” kusho uBvuma.
Kulindeleke ukuthi uBroos asinqamule isikwati sakhe ngaphambi kokuqala kwekhempu ezohlangana emuva komdlalo wamanqamu weNedbank Cup ophakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns ngoJuni 1 eMbombela Stadium.
Phakathi kukaBvuma, Veli Mothwa, waMaZulu FC noRicardo Goss, weSuperSport United kukhona oyedwa okufanele akwamukele ukuthi ngeke angene endizeni ebheke eNigeria ngoba indaba kakaputeni, uRonwen Williams, ngeke ishintshe ngaphandle uma elimele.
IBafana enamaphuzu amathathu emidlalweni emibili isendaweni yesibili ku-Group C okuqhwakele kuwona iRwanda enamane.
Endaweni yesithathu kuhleli iNigeria enamaphuzu amabili, kube yiLesotho neZimbabwe ngokulandelana nabo abalinganayo neSuper Eagles ngamaphuzu. Emsileni kukhona iBenin esanephuzu elilodwa.
Kusasa uBvuma nozakwabo kwiChiefs bazosonga imidlalo yeDStv Premiership uma sebevakashele iCape Town Spurs eDHL Cape Town Stadium ngo-3 ntambama. Lo nozinti kumele aqinisekise ukuthi iqembu lakhe alidedeli magoli emizamweni yokuqinisekisa ukuthi liqeda isizini libalwa namaqembu akwi-Top 8 azodlala iMTN8 ngesizini ezayo.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
Kusasa - Ngo-3pm: AmaZulu v Golden Arrows (Moses Mabhida Stadium); Mamelodi Sundowns v Cape Town City (Loftus Versfeld); Moroka Swallows v Royal AM (Dobsonville Stadium); Richards Bay v Stellenbosch (King Zwelithini Stadium); Cape Town Spurs v Kaizer Chiefs (DHL Cape Town Stadium); Orlando Pirates v SuperSport United (Orlando Stadium); Chippa United v Sekhukhune United (Buffalo City); Polokwane City v TS Galaxy (Old Peter Mokaba Stadium).