UDALULA amagama awatshelwe yikhona lakhe ukuze avuke emaqandeni uSivenathi "The Special One" Nontshinga ojabulise abantu bakuleli ebuyisa ibhande le-IBF World Light Flyweight ngoMgqibelo.
Le nsizwa yaseChicken Farm, e-East London, e-Eastern Cape, inqobe leli bhande ngokushaya u-Andrian "Gatito" Curiel ngomcacamezelo womlalisa emzuliswaneni weshumi e-Oaxaca, eMexico.
Babalelwa ngaphezu kuka-10 000 abantu abesemqhudelwaneni obuhlelwe yiMatchroom Sports yase-United Kindom (UK). Bekuyimpindamshaye kwazise ngoNovemba nyakenye, uCuriel uphuce uNontshinga lesi sicoco emshaya ngomngqimuzo womlalisa phansi, emzuliswaneni wesibili empini ebiseMonaco.
UNontshinga ubewine i-IBF kuHector Flores Calixton wakhona eMexico ngo-2022.
Ngokuyibuyisa, uNontshinga ubuyise isithunzi seNingizimu Afrika kwazise ibingasenaye umshayisibhakela ophethe elinye lamabhande amane ahlonishwa umhlaba wonke, okungaweWBC, WBA, IBF neWBO.
NgoMgqibelo ekuseni iningi bese lizitshelile ukuthi uzophinde anqobe uCuriel emise kabi uNontshinga kusukela emzuliswaneni wokuqala kwaze kwaba owesishiyagalolunye.
Kungalindele muntu uNontshinga obehambe nomqeqeshi wakhe, uColin "Nomakanjani" Nathan, uyise, uThembani "The Best" Gopheni noBernie Pailman, uvuke wazithatha ngoweshumi.
Udedele inqwaba yezibhakela ezishiye imbangi yakhe ididekile. Lokhu kuphoqe unompempe ukuthi ayimise impi.
Ngemuva kwale mpi, leli phephandaba liqale lakhuluma noNathan obengakwazi ukuyifihla injabulo yakhe.
"Wenze umsebenzi omuhle uSivenathi. Konke kuhambe njengokuhlela kwethu. Kuyasijabulisa ukuthi sizofika ekhaya siliphethe ibhande le-IBF," kubeka uNathan.
UNotshinga uthe leli bhande ulinqobele bonke abathandi besibhakela eNingizimu Afrika.
Ebuzwa ukuthi kungabe bekuyiqhinga lekhona lakhe yini ukuthi avuke indlobane ngomzuliswano weshumi, uthe: "Okunye kwakho bekungamaqhinga, okunye bekungewona.
Ngiyamvuma uCuriel uyibhokisa elinzima. Kuyiko nje ukuthi le mpi bengiyilungisele kahle. Ubethi noma ezikhipha izibhakela kodwa zingahlali kuzwele,“ kusho yena.
Uveze ukuthi ngesikhathi kuphela umzuliswano wesishiyagalolunye, uNathan umtshele ukuthi uma engamgingqi Curiel ngomzuliswano weshumi ufana nosehluliwe.
"Uqhube wathi ‘ndoda ukhumbule ukuthi lapha simele iNingizimu Afrika. Hamba uyogingqa lo muntu.’ La mazwi angene ahlala engqondweni yami. Ngempela ngishone kuso isitha sami ngafike ngenza ebengikutsheliwe.
Bengingalilahlile ithemba. Bengazi ukuthi uyeza umzuzu lapho ngizomthola khona uCuriel. Bese ngimfunde ngamqeda," kubeka uNontshinga ehleka.