UFISA ukukhiqiza abadlali beqophelo eliphezulu ngomqhudelwano wezikole uSiyabonga “Bhele” Nomvethe, owazakhela igama ebholeni laseNingizimu Afrika ngokuqhulula amagoli emaqenjini ahlukene.
UNomvethe waKwaMashu, ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni umqhudelwano wakhe, iSiyabonga Nomvethe Schools Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesithathu.
Lo mcimbi ubuhanjelwe yizikhulu zikahulumeni, ezoMasipala weTheku nezeMidlalo esifundazweni iKwaZulu-Natal.
ISiyabonga Nomvethe Schools Cup efaka ibhola lezinyawo ne-Netball, ingaphansi kweSiyabonga Bhele Nomvethe Foundation. Kuzoqhuthana kuyona izikole ezahlukene ezingaphansi kwezifunda ezingu-11 zaKwaZulu-Natal. Kwi-Netball kuzodlala u-Under 13 kuthi ebholeni lezinyawo kudlale u-Under 13 no-Under 19 ezinyangeni ezizayo.
UNomvethe wadlalela zonke izinkunzi zazeSoweto okuyiKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMoroka Swallows naphesheya kwezilwandle. Ngaphezu kwalokho, wadlala emiqhudelwaneni emibili yeNdebe yoMhlaba eyibamba kwiBafana Bafana.
“Okungangithokozisa kakhulu wukubona uSiyabonga eqhamuka kuwona lo mqhudelwano nokuthi abantwana bathole ukubonwa ngamaqembu eFirst Division (Motsepe Foundation Championship), Vodacom (ABC Motsepe League) nePSL. Ngiyabona ukuthi isibalo sokubhalisa kwezikole singaphezulu kwalesi ebengisicabanga,” kusho uNomvethe
ISiyabonga Nomvethe Schools Cup izodlalwa okwesibili. Nyakenye idlalwe yizikole zaseThekwini namaphethelo kuphela.
“Kwathi uma siyidlala ngonyaka odlule, ngabona ukuthi ngoba baningi bayakhala bathi kungani ungezi ngapha ePort Shepstone, kungani ungezi ngapha eMkhanyakude, ngathi kubalulekile ukuthi sinikeze bonke abantwana ithuba lokuyidlalela ngoba kunezikole ezisemakhaya, azitholi ithuba elinjengalezi ezilapha eThekwini. Umqhudelwano uvuleleke kunoma ubani ukuthi angawudlala. Kubalulekile futhi ukuthi kungabi yibhola kuphela kodwa kungene ne-netball ngoba nayo isinkulu. Uma ubheka sebekwazi nokusingatha imidlalo yeNdebe yoMhlaba,” kusho uNomvethe.
USimangaliso Mgenge ongusihlalo weSchool Sports eKZN, ugcizelele ukubaluleka kokuthi izingane zidlale ezikoleni, kungagxilwa ezincwadini kuphela.
“Kuwumthwalo wethu sonke ukuqinisekisa ukuthi izingane ziyadlala. Lapho izinhlaka zingafiki khona, uthisha uyafika. I-KZN ibihamba phambili ezintweni eziningi futhi kufanele ibuyele lapho. Siwumndeni iKZN, asibambane ngezandla, mhlawumbe sicele iSport Indaba ukuze sikhulume ngokufanele sikwenze,” kusho uMgenge.
Ngokohlelo, izikole zizoqeqeshwa yizinkakha zaseKZN, iningi lazo elineziqu zokuqeqesha kodwa ezingakawutholi umsebenzi.