UYABALISA ngenselelo abhekene nayo ngabadlali abaphuma emaqenjini esizwe umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, okufanele abophele isikimu esiqinile esizogadulisana neSuperSpoer United koweCarling Knockout.
Amakhosi azovakashela Amatsatsantsa kowe-Last 16 yalo mqhudelwano ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngo-8 ebusuku. Kuzoba ngokokuqala uNabi ehlezi ebhentshini leChiefs emdlalweni womkhumulajezi kwazise ayidlalanga kwiMTN8.
Emidlalweni edlule, lo mqeqeshi ukhombisile ukuthi lukhulu ushintsho afike nalo eNaturena ngendlela abadlali abayamukele ngayo indlela yakhe yokudlala. Nokho ubhekene nenselelo yabadlali ababuya emaqenjini esizwe okungenzeka bangawulungeli umdlalo. Laba badlali ngunozinti uFiacre Ntwari obevimbele iRwanda ngesikhathi ibhekene neBenin emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoLwesibili noRushwin Dortley obeyibambe kwiBafana Bafana ebivakashele iCongo Brazzaville kowokuzicabela indlela ebheke kwi-Afcon. Omunye ngu-Edson Castillo obesesikwatini seVenezuela esihlulwe yiParaguay ngo 2-1 kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoLwesithathu.
“Kuhlala kumnandi eqenjini lakho ukuba nesibalo esithize sabadlali esidlalela iqembu lesizwe. Kuyinto enkulu kithina. Nginesiqiniseko sokuthi bakhona nabanye abadlali eqenjini lethu abazolithola ithuba lokudlalela iqembu lesizwe. Kodwa ukuba nomdlalo osondelene kangaka nokubuya kwabo, lokho sengathi kuzoba yinselelo kithina ngoba asikho isikhathi sokuphumula esingabanika sona, silungiselele nomdlalo esizowudlala,” kubalisa uNabi kwabezindaba izolo.
“Isibonelo nje, sinomdlali onjengoCastillo ozofika namuhla (izolo) ngo-3 ntambama. Asazi noma uzosithola isikhathi esanele sokuphumula futhi ngizwe sengathi ulimele. Yizo zonke lezo zingqinamba, okufanele sizame ukubhekana nazo, sibheke ukuthi sibafaka kanjani eqenjini, silungiselele umdlalo.”
Nakuba Amakhosi ekhombise ukuhlangana emidlalweni emithathu yeligi asayidlalile kodwa kumele azibambe ziqine kwiSuperSport engelinye lamaqembu ahlale eyihlupha. IChiefs isawine imidlalo emibili, yahlulwa komunye kweyeligi. ISuperSport, evule isizini ngokubhekana ne-Orlando Pirates kwiMTN8, isawine kanye emidlalweni emine yeligi. Akubuzwa ukuthi lokhu akwehli kahle kumqeqeshi uGavin Hunt.
“Ngilindele umdlalo onzima kwiSuperSport kwazise iyiqembu elihle. Ngayibuka koweMTN8 ibhekene ne-Orlando Pirates. Yacishe yawuwina umdlalo. Yayingawina kodwa unompempe wenza iphutha kufanele ithole iphenathi kodwa wangayinika. Bayiqembu elidlovayo, elizinikelayo futhi elihlelekile eliholwa nguzakwethu uGavin onobuchule obukhulu nesipiliyoni. Uyakwazi ukuphatha iqembu, alungiselele abadlali bakhe. Ngilindele umdlalo omuhle kakhulu, onezinselelo, sibone ukuthi kwenzekani,” kusho uNabi.
Imidlalo yeCaling Knockout Last 16:
Namuhla - Ngo-7pm: AmaZulu v Stellenbosch (King Zwelithini Stadium).
Kusasa - Ngo-3pm: Polokwane City v Marumo Gallants (Old Peter Mokaba); Orlando Pirates v Magesi (Orlando Stadium).
Ngo-6pm: Mamelodi Sundowns v Golden Arrows (Lucas Moripe Stadium).
Ngo-8pm: SuperSport United v Kaizer Chiefs (New Peter Mokaba); Cape Town City v Royal AM (Athlone Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: TS Galaxy v Chippa United (Mbombela Stadium).
Ngo-5.30pm: Richards Bay v Sekhukhune United (King Zwelithini Stadium).