INJINI yeBafana Bafana, uTeboho Mokoena, ikholwa wukuthi leli qembu lisengakwazi ukuhamba ibanga elide kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) kulandela ukungena kwalo kuma-quarterfinal.
IBafana yiqembu lokugcina elizibekisele indawo kuma-quarterfinal ngesikhathi liqumba phansi iMorocco ngo 2-0 emdlalweni we-Last 16 ngoLwesibili ebusuku.
Amanye amaqembu adlulele kuma-quarterfinal yiNigeria, Mali, Angola, Cape Verde, Democratic Republic of Congo (DRC), Guinea ne-Ivory Coast. IBafana isizobhekana neCape Verde emdlalweni wama-quarterfinal ozodlalelwa eCharles Konan Banny Stadium, eYamoussoukro, ngoMgqibelo ngo-10 ebusuku.
UMokoena, oshaye igoli lesibili leBafana ngesikhathi yehlula iMorocco, waqokwa njengomdlali ovelele, uthe kumele basebenze kanzima njengeqembu emzuliswaneni olandelayo futhi babheke umdlalo ngamunye. Wathi uchazekile ngendlela iqembu elithuthuka ngayo kulo mqhudelwano eliwuvule ngesibhaxu sika 2-0 elisithole kwiMali.
“Akekho osinike ithuba ngemuva kokushaywa yiMali emdlalweni wethu wokuqala wamaqoqo kodwa kudingeke ukuthi siqine, siqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla,” kusho uMokoena emuva komdlalo neMorocco.
“Sizogxila emdlalweni owodwa ngesikhathi ngoba sonke kusicacele ukuthi akulula ukuqagela ukuthi yiliphi iqembu elizodla isicoco. Amaqembu amahlanu akleliswe phezulu e-Afrika asephumile, okusho ukuthi kukithina esisele ukuthi silwele indebe.”
Ngo-2019 safinyelela kuma-quarter-final, ngakho-ke kufanele sithathe igxathu eliya phambili kulokhu. Inhloso yethu wukubeka iqembu endaweni engcono kunale esilithole likuyona.
"Kwi-Afcon ka-2019, iBafana Bafana yakhipha osokhaya i-Egypt ngo 1-0 kwi-Last 16 kodwa yashaywa yiNigeria ngo 2-1 kuma-quarter-final,“ kusho uMokoena.
Ukushaya into ecokeme kukaMokoena enkabeni yenkundla nokuwina kweBafana, kuthinte uPitso Mosimane owayeyiqeqesha eminyakei edlule. Uncome lo mdlali neqembu lonke ngendlela elidlale ngayo koweMorocco, wathi ukholwa wukuthi lingakwazi ukuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano.
"UTebogo Mokoena ungumdlali omangalisayo. I-free kick ayishayile bese kuyibhansela. Abukho utshani angabunyathelanga enkundleni futhi ubelawula konke obekwenzeka esiswini," kusho uMosimane ekhasini lakhe enkundleni yokuxhumama i-X.
“Ngeke siphikisane ngokuthi iNingizimu Afrika yilona qembu elinamathela ezinhlelweni zalo enkundleni ukwedlula wonke amanye amaqembu. Abenzi izinto eziningi eziwubukhazikhazi, basebenza kanzima nje.
“Ngibashayela ihlombe oHugo Broos benoHelman Mkhalele, iqembu labo lihleleke kakhulu futhi nabadlali babo basebenza ngokuzikhandla. Kumele bagxile emdlalweni olandelayo ngoba luselude uhambo kodwa kufanele sikujabulele nokunqoba imidlalo enzima."