NAKUBA omunye wabadlali abafika bebancane esigabeni sebhola laseNingizimu Afrika elikhokhelayo, uLebohang “Cheeseboy” Mokoena, ebona okuhle ngokuqhathaniswa kwabadlali abakhiqizwe yizinkulisa zezimbangi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, kodwa ubona nengozi ngalokhu.
Ukuqhoshelana phakathi kwabalandeli beChiefs nabePirates yinto ejwayelekile ebholeni laseMzansi kodwa muva nje, kuqhathaniswa abadlali abakhiqizwa yizinkulisa zala maqembu.
Ukugqama kukaRelebohile Mofokeng (20) kusukela eqale ukubonakala esikimini esikhulu sePirates akugcinanga ngokumakhela igama kepha kudonse neso likaHugo Broos osembiza njalo kwiBafana Bafana.
Muva nje, iPirates yengeze ngoMohau Nkota (20) naye ofike kwezwakala ngamagoli amahle namqoka kwiBetway Premiership nakwiCaf Champions League.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi esifanayo lapho iChiefs ikhiqize khona abadllai abathi abalingane ngokweminyaka noMofokeng noNkota.
Ukuvela kukaMfundo Vilakazi (19), Wandile Duba (20), Mduduzi Shabalala (20) kwenze ingxenye ethile yabalandeli nabezindaba baqala lo mkhuba wokuqhathanisa laba badlali.
“Ukuqhathaniswa kwabadlali abancane ikakhulukazi bamaqembu athathwa njengamakhulu kuhle futhi kubi ngokwami,” kusho uMokwena owayedlalela iPirates.
“Okwamanje kubukeka kukuhle kwabePirates kodwa mhlawumbe yingoba bafikele eqenjini elihlangene. KwabeChiefs kuhlukile ngoba bona baqale izinto zingahlangene ngendlela ebizobasiza ukuthi basheshe bakhululeke esigabeni esikhulu.
“Kuhle lokhu (ukuqhathaniswa) ngoba kulaba okuthiwa basezingeni eliphansi, kungabenza balikhuphule nakakhulu (izinga) ngenhloso yokufica ozakwabo kodwa lokhu kunobungozi bakhona. Abadlali abafani kanti nezimo zabo azifani ngakho-ke asikho kangako isidingo sokufaka enhliziyweni okusuke kushiwo abalandeli.
“Yebo kuyinkinga uma sekukhulunya ngisho abezindaba kodwa laba badlali basemaqenjini anezinhlaka ezanele ukuthi baluthole lonke usizo abaludingayo ukubhekana nezimo ezinjalo.
“Isimo abakusona siyafana nesengike ngaba kusona eqenjini engangidlala kulona, noGift (Leremi) ngesikhathi esifanayo kwiChiefs kukhona uJabu (Mahlangu) noSkappie (Thabiso Malatsi).
“Ukwazi kukaMofokeng ukuthi uVilakazi usezithendeni kungamenza asebenze kakhulu lo owePirates kodwa nalo oweChiefs kungaba wusizo kuyena ukuzikala ngontanga yakhe.
“Esingakwenza wukubakhuthaza bonke ukuthi abaqhubeke ngale ndlela abaqale ngayo ngoba iqiniso wukuthi nangaphandle kwenkundla basondelene okungaba isikhali esiyimfihlo seBafana eminyakeni embalwa ezayo,” kusho uMokoena.