INHLOKO yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, uManqoba “TV” Mngqithi, ithembise ukuyishintsha indlela leli qembu laseChloorkop elidlala ngayo njengoba sekukhala esayo isicathulo kuleli thimba.
UMngqithi owafika kwiSundowns ngesizini ka-2013/2014, ezoba iphini likaPitso “Jingles” Mosimane, ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni i-MTN8 kuleli sonto eGoli.
ISundowns izoqala lo mqhudelwano - osukhuphule intshontsho walibeka ku-R10 million - ngokwamukela iPolokwane City, eLucas Moripe Stadium ngo-Agasti 11.
UMngqithi usanda kuthatha izintambo kwiSundowns kulandela ukuxoshwa isigubhukane kukaRhulani Mokwena, emasontweni adlule.
Sekungumlando ukuthi uMokwena usepheka iWydad Athletic yaseMorocco.
Ngaphansi kobuholi bukaMokwena, isikhathi esiningi iSundowns ibiwakhathaza ngamaphasi amaqembu ngaphambi kokuwaqhobozela.
Lokhu kufakazelwa ukuthi kunesikhathi lapho uMokwena ebefuna khona abadlali bakhe bahlanganise amaphasi awu-1000 emdlalweni.
Kwehlukile lokhu kokuhlelwe uMngqithi ozichaze njengomqeqeshi okholelwa ekufikeni ngokushesha ezintini zezitha kunokugcina ibhola ngokweqile.
“Umlando wami emaqenjini engake ngawaqeqesha ukhomba ukuthi ngikholelwa ebholeni elisheshayo ukufika phambili,” kusho uMngqithi, owadla i-MTN 8 yango-2009 neLamontville Golden Arrows eyayidlala leli okuthiwa linenkosi phakathi.
“Ibhola laseNingizimu Afrika likhomba ukuthi ukuze unqobe umdlalo kuyaphoqa ukuthi wakhe indathane yamathuba.
“Ngiyakholelwa ekutheni sakhe okungenani amathuba angu-10 umdlalo ngamunye. Kusemqoka ukugcina ibhola kodwa ngokwami kufanele uligcinele ukusondela emapalini ezitha kunokubukeka kahle kuphela.
“Ngiyaqonda ukuthi kunezikhathi lapho kufanele ube nesineke ikakhulukazi uma ubhekene namaqembu avala emuva kodwa nalapho akusho ukuthi umdlalo kufanele unense,” kulandisa yena.
Le nkulumo kaMngqithi ifakazelwa ukusayinisa kwakamuva kweSundowns, uKobamelo Kodisang no-Arthur de Olivera Sales waseBrazil bobabili abanejubane elibabazekayo ezimpondweni.
UMngqithi wanelisekile ngoSales yize engakabi qatha ngokwanele kodwa weneme kakhulu ngoKodisang.
“Bobabili laba badlali bazokuba usizo olukhulu kithina ngesizini ezayo endleleni esifuna ukudlala ngayo.
“Nakuba uSales esasebenza nethimba lababhekene nokuba qatha kwabadlali, uKodisang usevele ukhombisile sise-Austria ukuthi uzokuba nesandla esingakanani ngesizini ezoqala,” kuphetha uMngqithi.