ISEZITHEBENI eqenjini lesizwe laseZimbabwe eyomgadli weKaizer Chiefs, uRanga Chivaviro, oshawa ngesithende kwiBafana Bafana.
UChivaviro (31) wazalelwa eLimpopo, futhi wakhulela khona. Unina ngowakuleli kodwa uyise ngowaseZimbabwe. Lokhu kusho ukuthi uvumelekile ukudlalela iqembu lesizwe laseZimbabwe, neBafana. Alikho iqembu lesizwe adlale kulona uChivaviro. Akazange abizelwe kwiBafana ngemuva kokugila izimanga, eqhulula amagoli kwiCaf Confederation Cup edlalela iMarumo Gallants ngo-2022. Emuva kokuthi iZimbabwe yehlule iNamibia, emidlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngempelasonto edlule, umqeqeshi wama-Warriors, uMichael Nees, uphendule imibuzo ngoChivaviro.
IZimbabwe eyayishaya ngenqwaba yabagadli, ibhekane nenselelo kulandela ukushiya kukaKnowledge Musona, noKhama Billiat osenqume ukubuyela eqenjini lesizwe.
“Sinohlu olude lwabadlali futhi siyabafuna bonke abadlala kahle. Kodwa sinabo abadlali abahle lapha. Sibabhekile bonke futhi uma isikhathi sesifikile, sizonquma ukuthi siyambiza noma cha. Akuyi ngokuthi lowo muntu udlalela iKaizer Chiefs,” kusho uNees kwiSoccer24.
UChivaviro ungumgadli oqavile esikimini seChiefs ngaphansi komqeqeshi Nasreddine Nabi, okubhekwe ukuthi abuyisele leli qembu esicongweni futhi ubukeka ekuthokozela ukuba enkundleni. Useshaye amagoli amabili emidlalweni emithathu yesizini yeBetway Premiership ka-2024/2025. Uyena owashaya igoli ngesikhathi iChiefs ikhala ngaphansi ngo 2-1 kwiMamelodi Sundowns. Waphinda washaya inethi ngesikhathi bebhudluza AmaZulu ngo 3-1 koweligi eThekwini, emasontweni adlule. Ukuqala kahle isizini kubeka uChivaviro ethubeni lokushisisa umbango womklomelo wamagoli ekupheleni kwesizini.
Nyakenye, lo mgadli wakuveza ukuthi angayidlela amathambo engqondo eyokudlalela iZimbabwe, uma ebizwa ngoba uyafisa ukudlalela iqembu lesizwe.
“Bengihlala ngisho ukuthi kuyinto enkulu ukumela izwe lakho. Njengomdlali webhola, uma usuphanyeka amakhokho emgibeni, usuzihlalele ekhaya, kumnandi ukubheka emuva usho ukuthi ngaligqoka ijezi elithize leqembu lesizwe,” kusho uChivaviro.
UChivaviro kulindeleke ukuthi asize iChiefs uma isibhekene neSuperSport United, ngoMgqbelo ngo-8 ebusuku, emdlalweni we-Last 16 yeCarling Knockout ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo.