OWAYEYIPHINI lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uMoma Medic, ukholwa wukuthi yikhefu kuphela eselingaphazamisa leli qembu ekuwineni isicoco se-Absa Premiership.
IPirates ihlezi phezulu kwi-log ngamaphuzu angu-50 emuva kwemidlalo engu-27.
Ishiya iMamelodi Sundowns esendaweni yesibili, ngamaphuzu amathathu. EZimnyama, eziphekwa nguMilutin “Micho” Sredojevic, zibambe umoya ukuthi zingaficwa yiSundowns esilele ngomdlalo owodwa.
UMedic waseSerbia, obekade eyiphini likamkhaya wakhe uKosta Papic kweZimnyama ngo-2004 kuya ku-2006, ukhuze ibuya eMzansi emuva kweminyaka wathweswa ijoka lokufaka iTshakhuma Tsha Madzivhandila kuma play-off eNational First Division (NFD).
Kumasizini amabili abawasebenze kwiPirates noPapic, badlalise ibhola elichaze iningi labantu kodwa bagcina bengawinanga lutho.
Ngesizini ka-2003/2004, eZimnyama zazihamba phambili ngamaphuzu nangemidlalo kwiKaizer Chiefs eyayidlala imidlalo emqhudelwaneni weCAF. Nokho Amakhosi abuya ayidlula endleleni agcina ewine iPremiership.
“UMicho wenza umsebenzi omuhle kwiPirates. Useyibuyisele ekubeni elinye lamaqembu amabili aphezulu. Kodwa le sizini inzima. Ingikhumbuza ngo-2004 ngesikhathi sisebenza noPapic.
“Sasihamba phambili ngamaphuzu nangemidlalo. IChiefs yayingayidlali eyeligi. Thina sasisalelwe wumdlalo yona isalelwe emine. Kwakufanele siyilinde ukuze isifice ngemidlalo.
“Lelo khefu uma liphinde lenzeka lizoholela ekutheni iPirates iphunyukwe yisicoco ngoba lizophazamisa umgqigqo wayo. Okwamanje idlala kahle.
“Uma izoqhubeka idlale angicabangi ukuthi kukhona umdlalo ezohlulwa kuwona. Ngaleyo ndlela izoba ngompetha,” kusho uMedic.
EZimnyama, eseziwine imidlalo emithathu yeligi ilandelana, zizobuyela enkundleni ngoLwesithathu uma sesivakashele iMaritzburg United eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngo-7.30 ebusuku. Emuva kwalokho zizohlala isikhathi isonto lonke zize zigadulisane neCape Town City eKapa ngoMeyi 4. Emdlalweni wokuvala isizini, iPirates izobhekana nePolokwane City e-Orlando Stadium ngoMeyi 11.
ISundowns, ebambezeleke emqhudelwaneni iCAF Champions League, ivele iqalile ukulahlekelwa amaphuzu emidlalweni esele ngayo ngesikhathi ihlulwa yiSuperSport United maphakathi nesonto.
“Uma usele emuva ngemidlalo emithathu, kufanele uyiwine yonke. Lokho akulula noma ngabe uyiSundowns eshaya ngesikimu ezinzima. Inkulu inselelo,” kusho uMedic.