UMGADLI waseFrance, uKylian Mbappé ubona i-Euro Championship yanonyaka njengethuba lokwengeza ezindebeni asezinqobe neqembu lesizwe.
Lo mdlali (25) osanda kujoyina izinkunzi zaseSpain, iReal Madrid, esuka eqenjini laseFrance, iParis Saint-Germain, useke wanqoba izicoco ezinkulu neLes Bleus, kodwa i-Euro Championship ayibalwa kuzona.
Wayeyingxenye yeqembu elanqoba iNdebe yoMhlaba eRussia ngo-2018, nalelo elaphakamisa indebe ye-Uefa Nations League ngo-2021.
Nyakenye uMbappé uqokwe njengokaputeni omusha weLes Bleus kulandela ukushiya kukanozinti uHugo Lloris eqenjini lesizwe.
Uthe uzimisele ukuthi abe ngukaputeni wokuqala weFrance ukuqubula iNdebe ye-Euro selokhu kwagcina uDidier Deschamps, osengumqeqeshi, ngo-2000.
“Ngifuna ukunqoba i-Euro Championship, kufanele ngikhulume iqiniso. Sengiyinqobile iNdebe yoMhlaba kanye neNations League. Le iyona yodwa indebe enkulu engingakaze ngiyinqobe neqembu lesizwe,” kusho uMbappé exoxa ne-CNN.
“Ngizimisele ngempela ukuyinqoba. Wumncintiswano wami wokuqala selokhu ngaqokwa njengokaputeni, ngakho ubaluleke kakhulu kimina. Usho lukhulu ezweni lethu futhi sifuna abantu bakithi baziqhenye ngathi. Ngelinye ithuba lokubhala umlando nezwe lami.”
ILes Bleus ingelinye lamaqembu athwelwe ngeqoma kulo mqhudelwano ngenxa yendlela edlale ngayo kweminye emikhulu eminyakeni edlule.
Kwala kancane ukuthi ivikele iNdebe yoMhlaba ngo-2022 kodwa yashaywa yi-Argentina sekukhahlelwa amaphenathi kowamanqamu ngemuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo 3-3.
Emqhudelwaneni we-Euro owadlalelwa emazweni ahlukene e-Europe ngo-2021, iFrance yaqhwakela eqoqweni layo iqeda ngaphezu kweGermany, Portugal neHungary.
Nokho, yasheshe yawashiswa ijezi kweyomkhulajezi ikhishwa yiSwitzerland ngamaphenathi kwiLast 16.
Kulo nyaka izoqala kuGroup D lapho iqhathwe khona nePoland, Netherlands ne-Austria.
“Wonke umuntu uyazi ukuthi kunzima kangakanani ukunqoba i-Euro ngoba wonke amaqembu aqinile. Iqoqo esikulona linamaqembu asezingeni eliphezulu kodwa kufanele sibhekane nomdlalo owodwa ngesikhathi. Kuzoba nzima impela, kodwa sikulungele lokho,” uMbappé.
IFrance izodlala umdlalo wayo wokuqala kulo mqhudelwano ne-Austria ngoMsombuluko ngo-9 ebusuku ngaphambi kokubhekana neNetherlands bese ivala isigaba samaqoqo nePoland.