UKAPUTENI weqembu lesizwe lombhoxo labesilisa, uSiya Kolisi, utuse uzakwabo uManie Libbok ngamagalelo akhe amahle ngesikhathi beshaya iScotland ngo 18-3 emdlalweni wokuvula eNdebeni yoMhlaba, eMarseille ngeSonto.
Ukunqoba lo mdlalo kubeke amaBhokobhoko endaweni yesibili kuPool B ngamaphuzu amane, asele ngephuzu elilodwa kwi-Ireland eqale lo mqhudelwano ngokutalabha iRomania ngo 82-8. Iqembu elingakadlali kuleli qoqo yiTonga.
ULibbok uqokwe njengomdlali ovelele bebhekene neScotland ngenxa yendlela abeliphaka ngayo ibhola ngezandla nangezinyawo nendlela amake ngayo ngesikhathi amaBhokobhoko ecindezelwa yiScotland. Ufake ibhola elimangalisayo kwesokudla ngonyawo, eliholele ekutheni uKurt-Lee Arendse ashayele elakuleli i-try yesibili.
Nokho bekungamhambeli kahle kulo mdlalo uma ekhahlelela ipali njengoba egeje amabhola amathathu kwamahlanu awakhahlelile.
Ngesiwombe sokuqala ufake amaphenathi amabili kwamathathu awakhahlelile, kwathi kwesesibili wageja iphenathi eyodwa ebikude, ne-conversion ebisendaweni enhle.
Lokhu kuholele ekutheni uFaf de Klerk, odlala indawo ye-scrumhalf, kube nguyena ogcine esekhahlelela ipali, wafaka i-conversion eyodwa, wageja iphenathi eyodwa.
“Imibuzo ngoManie iqhamuka kakhulu uma engakhahleli kahle kodwa sidlala njengeqembu. Kwesinye isikhathi ungase ungenzi kahle kokuthile kodwa indlela ahlasele ngayo, indlela alawule ngayo iqembu nendlela abenza izinto zenzeke ngakhona ibiyinhle. Abantu bayazikhohlwa lezo zinto bakhumbule ezinye,” kusho uKolisi kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“UFaf uyakwazi ukukhahlela, kanjalo noChelsin (Kolbe), baningi abafana esingababiza. Uma omunye eshoda kwenye indawo usuke ekhona ozothatha izintambo. Nami kwesinye isikhathi ngisuke ngingazi ukuthi yiliphi iqhinga okufanele silisebenzise emdlalweni, isinqumo senziwe ngu-Duane (Vermuelen) noma u-Eben (Etzebeth) noma uyena uManie.
“Uma umuntu engemuhle ndawana thize, ukhona omsizayo ngoba ngeke ukwenze kahle konke kuyona yonke imidlalo. Amanye ama-flyhalf awakwazi ukumaka nokuphoqa ukuthi siwavikele uma iqembu lingaphansi kwengcindezi kodwa uManie uhlezi ekhona umaka nathi.
“Asikhathazeki uma eshweba ngoba siyazi uzophinde alibeke phakathi. Kuyafana nokuphosa kwi-lineout, uma umuntu lowo oshwibayo ehluleka ukuqondisa ibhola usuke engenzi ngamabomu. Sizohlala sisebenza ngokubambisana ukuze sithuthuke."
Umqeqeshi uJacques Nienaber, uncome amaBhokobhoko ngendlela avimbe ngayo iScotland kodwa akakholwa ukuthi bazodlala lolu hlobo lombhoxo kuyona yonke imidlalo kulo mqhudelwano.
“Ukuvimba izitha kuyohlale kungijabulisa. Kufanele ngiyincome iScotland ngoba idlala ngesivinini esikhulu futhi iyayishintsha indlela ehlasela ngayo. Bekumele sibe bukhali ngempela ukuze sibavimbe bangawatholi amaphuzu,” kusho uNienaber.
“Ngike ngasho ukuthi ngemuva kweNdebe yoMhlaba ka-2019 indlela yokudlala isishintshile kancane. Kufanele ukwazi ukuvala ngemuva, ukhahlele kahle, uzame ukuchitha isikhathi esiningi engxenyeni yezitha yenkundla futhi kufanele ukwazi ukunqoba imidlalo enzima.
“Uma ubheka indlela iFrance edlale ngayo neNew Zealand nendlela i-England edlale ngayo ne-Argentina, bakwenze ngendlela yabo kodwa okubaluleke kakhulu wukuthi kumele ukwazi ukwandisa amaphuzu.
“Kunomehluko phakathi kwemidlalo yamaqoqo neyomkhumulajezi kodwa kunzima ukuqagula ukuthi imidlalo ezayo izobukeka kanjani. Engikuqaphelile emiqhudelwaneni emikhulu yakamuva wukuthi amaqembu akwaziyo ukuthola amaphuzu yiwona aphumelelayo.”
AmaBhokobhoko azodlala umdlalo wesibili wamaqoqo neRomania ngeSonto ntambama kodwa kungenzeka angabi khona u-Eben Etzebeth okhishwe maphakathi nesiwombe sokuqala bebhekene ne-Argentina.
Ulimale ehlombe kodwa usazophinde ahlolwe ukuze kucace ukuthi ulimele kangakanani nokuthi ikhona yini imidlalo ezomphutha.