AKAZIBONI esuka kwi-Absa Premiership umdlali wodumo kwiKaizer Chiefs nakwiBafana Bafana, uReneilwe “Yeye” Letsholonyane osanda kuhlukana neSuperSport United kulandela ukuphelelwa yinkontileka abenayo naleli qembu ahlale kulona iminyaka emithathu.
ULetsholonyane (37) uphinde wakuqinisekisa izolo eMoses Mbhida Outer Fields kwi-Engen Knockout Challenge ukuthi kuphelile obekumhlanganise neSuperSport kodwa akasuki kuyona nenhliziyo ebuhlungu ngoba isikhathi sakhe kuMatsatsantsa a Pitori sibe sihle kakhulu.
Lo mdlali ofinyelele kweyamanqamu emine neSuperSport ufike kuyona esuka kwiChiefs okuyilapho ezakhele khona olukhulu udumo ngeminyaka eyisishiyagalombili ayihlale kuMakhosi. Ubefike kwiChiefs esuka kwiJomo Cosmos.
“Ngiyisebenzele iSuperSport. Eminyakeni emine ngilove kanye ejimini futhi nakhona kunesizathu. Yebo amagoli amane mancane kodwa uma ubheka indawo engidlala kuyona vele ngikude namapali. Ngiyabonga ngakho konke kwiSuperSport,” uyiqale kanje inkulumo yakhe.
Ngesikhathi edlala kwiChiefs uzakhele ugazi nakubaqeqeshi bamaqembu esizwe. Kulapho ezifake wathi khaxa kwiBafana kwazise nasesikwatini seNdebe yoMhlaba ka-2010, ubekhona.
“Ngisukile kwiSuperSport kodwa lokho akusho ukuthi angiseyena umdlali webhola. Ayikho indlela ehlukile kwengizibona ngayo. Uma imilenze yami isangivumela ngizoqhubeka. Ngiyaqhubeka. Sifuna iqembu sinemenenja yami. Kukhona lapho kuthembisa khona kodwa kukhona futhi la ngithi ngiyazama khona ngisheshe ngibone ukuthi ngeke kulunge,” usho kanje.
Nakuba engazange aphumele obala ngokuthi yikhona kuphi la efuna ukudlala khona kodwa uthe ngeke abe nankinga ngokuzodlala lapha eThekwini kodwa nakhona ngeke ande kangako ngoba akafuni ukuveza manje ukuthi ukhuluma nobani.
“Ngeke ngidlale kwenye indawo ngaphandle kwesigaba esikhulu. Ngizimisele ngokuqhubeka ngidlale esigabeni esikhulu. Kukhona lapho kuthembisa khona kodwa kuphinde kube nezingqinamba. Kwesinye isikhathi ngiyabona ukuthi ngingajabula lapha kodwa kuphinde kuvele okunye. Kokunye kube kuhle kodwa ngisheshe ngizibonele ukuthi ngeke kube mnandi ukuhlala lapha. Ngingahlala eThekwini ngeke ngikufihle lokho. Ngifuna ukudlala kuphela hhayi okunye. Anginqabile ukusuka eGoli. Ngingasukuma noma kanjani uma kungaba khona umqeqeshi oseThekwini ongibizayo. Ngiyakwazi engikufunayo futhi abantu kufanele balindele izimemezelo ngokushesha,” usho kanje enqaba elala ngomhlane ukupotshozela Isolezwe ukuthi uzobonakala kuphi ngesizini ezayo.