UKAPUTENI wakudala we-Orlando Pirates, uLucky Lekgwathi, ulifanise nesibusiso esifihlakele ikhanda eliphethe umqeqeshi waleli qembu, uJose Riveiro, ngombango wejezi ofufusa kubadlali beBucs basemuva.
Muva nje, uRiveiro ukhale ngokuphathwa ikhanda njengoba kukhona abadlali ababuya ekulimaleni.
Nokho izolo, leli qembu liveze ukuthi u-Olisah Ndah ngeke abonakale kuze kube unyaka ozayo, kulandela ukulimala emasontweni edlule bedlala nePolokwane City kowe-Betway Premiership.
Izindaba ezinhle kweZimnyama ezokululama kukaTapelo Xoki.
Emuva kowamanqamu weMTN8, uRiveiro uthe ukubuya kwabalimele kumphathisa ngekhanda ngoba ukubuya kwabo kwenzeka ngesikhathi uThabiso Sesane noNkosinathi Sibisi, benza kahle.
“Ngibona kufanele alijabulele leli khanda akhala ngalo uRiveiro ngoba kimina lifana nesibusiso uma uzobheka ubuningi bemiqhudelwano iPirates ezoba ingxenye yayo kule sizini,” kusho uLekgwathi.
“Ukuqina kodonga lwasemuva kwiPirates ikakhulukazi maphakathi, akuyona into ejwayelekile ngakho-ke kusemqoka ukukujabulela lokhu.”
“IPirates izoba ingxenye yemiqhudelwano eyahlukene kule sizini ngakho-ke isikimu esinabadlali abahamba ngababili endaweni ngayinye singaba olukhulu usizo.
“Kuhle futhi ngoba bonke laba badlali abaphathisa uRiveiro ngekhanda bayingxenye yamaqembu abo esizwe ngokwahlukana kwabo.
“KwiCaf Champions League sizowadinga amagalelo kaNdah, Sesane, Xoki noSibisi abawathola ngokudlalela amaqembu abo esizwe ngokwahlukana,” kulandisa uLekgwathi.
Ngaphandle kweChampions League, iPirates izoqala iCarling Knockout Cup ngoMgqibelo ngo-3 ntambama neMagesi FC, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Lo kaputeni oteketiswa ngelikaPhinda Mzala, uyena owokugcina ukuqukula isicoco seligi ngesikhathi iPirates isigcina ngesizini ka-2011/2012.
Ngaphandle kokuqina kwiChampions League, uLekgwathi ukubona kuzoyisiza iPirates ukuqina kombango wejezi nasembangweni wesicoco seligi, Carling nakwiNedbank Cup.
“Yebo, ukhala ngekhanda uRiveiro kodwa ngokwami ngibona isibusiso esifihlakele ngoba ngokuhamba kwesizini kuzolokhu kuhlaluka ukuthi sinenhlanhla kangakanani ukuba nalaba badlali,” kusho uLekgwathi.