NGESIKHATHI uSiya Kolisi ebuka iNdebe yoMhlaba yombhoxo yango-2007 (eyanqotshwa elakuleli) esengumfanyana endaweni yokucima ukoma lapho akhulela khona eZwide, e-Eastern Cape, wayengakaze aphuphe ehola Amabhokobhoko ewina kabili lesi sicoco.
Phambilini uKolisi useke wakuvuza ukuthi wayezifanela nawo wonke umlandela wakuleli ngesikhathi ebuka lo mqhudelwano ngo-2007.
UKolisi ube ukaputeni wokuqala waseNingizimu Afrika ukuphakamisa iNdebe yoMhlaba kabili, waba ngukaputeni wesibili emhlabeni ukwenza lokhu.
Le nsizwa esingene emlandweni, ituse ozakwabo ngalokhu kuhlabana ngemuva kokuthi amaBhokobhoko enqobe iNew Zealand ngo 12-11 kowamanqamu eNdebe yoMhlaba eStade de France, eParis, ngoMgqibelo.
Ngaphambi kwalokhu uFrancois Pienaar, uJohn Smit noKolisi bebeyiphakamise kanye umdlali ngamunye, kwaze kwaba uKolisi ukwenza okwesibili.
Omunye umdlali oseke wahola iqembu lakhe linqoba iNdebe yoMhlaba kabili nguRichie McCaw owayengukaputeni ngesikhathi ama-All Blacks ethatha lesi sicoco ngo-2011 nango-2015.
Uthe ukuhola leli qembu kusukela ngo-2018 akubanga nzima ngenxa yabanye abadlali abamlekelelayo njengoBongi Mbonambi, Duane Vermeulen, Eben Etzebeth nabanye.
Emdlalweni wangoMgqibelo kuyiwe ekhefini amaBhokobhoko ehamba phambili ngo 12-6, iNew Zealand isinabadlali abangu-14 enkundleni ngemuva kokukhishwa ngekhadi elibomvu kukakaputeni wayo, uSam Cane.
“Ngesikhathi sikhuluma ngesikhathi sekhefu sithe ama-All Blacks azovuka ngesiwombe sesibili ngakho-ke akufanele sizithele ngabandayo, futhi akwenza lokho. Nami benginovalo kodwa bengibathemba abadlali abaseduze kwami. Angikaze ngivumele ukuzigqaja kungiphazamise futhi kungivimbe ekulaleleni abanye abaholi abaseqenjini. Bekunzima kodwa sesike sadlula ebunzimeni phambilini futhi bengikholwa ukuthi singanqoba,” kusho uKolisi.
“Kusho lukhulu ukuthi sikwazi ukwenza esikuthandayo bese sikhuthaza abantu abavela ezindaweni ezahlukene. Angikhulumi nje ngabantu abadlala ibhola lombhoxo noma yimuphi umdlalo kodwa bonke abantu ezweni lakithi. Umqeqeshi uJacques (Nienaber) usikhumbuzile ukuthi iningi lethu bekunzima ukufinyelela lapha likhona ngenxa yezindawo esiphuma kuzona kodwa sikwenzile.
“Siphuma ezindaweni ezahlukene. Nginezizathu zami zokudlala umbhoxo. Nginezinjongo nezifiso zami. Ngifuna ukunakekela umndeni wami. Ngifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi ngiyawuxhasa umphakathi engiphuma kuwona ngoba ngabe angifinyelelanga lapha ngikhona ngaphandle kwawo."