AKAKASITHATHI isinqumo mayelana nokuthi uzoqhubeka yini nokuhola iqembu noma adede esikhundleni sokuba ukaputeni uSiya Kolisi.
Lo mdlali weqembu lesizwe lebhola lombhoxo, uhole elakuleli lavikela isicoco seNdebe yoMhlaba ngempelasonto edlule beshaya iNew Zealand kowamanqamu, eFrance. Lesi yisicoco sesine somhlaba samaBhokobhoko, ayiqembu lokuqala ukukwenza lokho.
UKolisi owaqala ukugqoka ibhande likakaputeni ngoJuni ka-2018, ubuye waqopha umlando ngesikhathi eba ngowesibili ukuphakamisa le ndebe kabili, ekwenza kulandelana, njengoba wayiqukula naseJapan ngo-2019.
Uzibeke endaweni efanayo nenkakha yaseNew Zealand, uRichie McCaw, owayehola ama-All Blacks ngesikhathi eba ngompetha bomhlaba ngo-2011 nango-2015.
UKolisi (32) owaba owokuqala ukuhola amaBhokobhoko, usehlale isikhathi esiningi eNingizimu Afrika egijima kwiStormers nakwiSharks. Uzolibangisa phesheya okokuqala kulo nyaka eyodlalela iqembu laseFrance, i-Racing 92.
Ukholwa wukuthi kusekuningi asengakwenzela iqembu lesizwe enkundleni kodwa ngeke aphoxeke uma lowo osezoqeqesha amaBhokobhoko njengoba uJacques Nienaber esezoshiya, eqoka ukaputeni omusha.
"Akukho okuzoshintsha, ngisahlose ukuqhubeka nokudlala kumaBhokobhoko. Angazi kuzokwenzekani mayelana nokuba ngukaputeni ngoba lokho kuzoncika kumqeqeshi (omusha),“ usho kanje uKolisi ngemuva kokutheleka esikhumulweni sezindiza eGoli, i-OR Tambo International nendebe.
Abantu bebephume ngobuningi embungazweni wokwamukela iqembu lesizwe obukhonjiswa bukhoma esiteshini sethelevishi i-Enca.
“Okumqoka kimina wukudlala. Ukuba ngukaputeni kwakungelona iphupho lami kodwa yithuba enganikwa lona ngalibamba ngezandla zombili.
“Ngibheke ngabomvu ukuqala uhambo olusha neqembu elisha futhi ngiyethemba ukuthi konke kuzohamba kahle phesheya. Okwamanje ngisazojabulela ukuba sekhaya nokubhiyoza nabantu baseNingizimu Afrika.
“Kusho lukhulu ukuba ngukaputeni wamaBhokobhoko kodwa ngaphakathi eqenjini siyazi ukuthi okuningi sikwenza ngokubambisana. Uma kukhethwa ukaputeni omusha ngeke kuze kube nzima ukuthi enze umsebenzi wakhe ngoba uzofica inqwaba yabadlali abazomeseka. Engikufisayo nje ukuthi ngiqhubeke nokugqoka ijezi lamaBhokobhoko.”
Kwi-Racing 92, uKolisi uzofica omunye umdlali wamaBhokobhoko, uTrevor Nyakane, owafika kuyona nyakenye esuka kwiBlue Bulls. Seliyiqalile iligi yasekhaya, iTop 14, lapho lilele khona endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-14 emidlalweni emine.
NgoDisemba, lizoqala i-European Rugby Champions Cup, okuwumqhudelwano ohlanganisa amaqembu ase-England, France, Ireland, Italy, Scotland, Wales nawaseNingizimu Afrika.