OWAYENGUKAPUTENI weBafana Bafana, uDean Furman, uthi akumethusi ukuhamba ibanga kweqembu lesizwe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) kodwa wexwayisa abafana bakaHugo Broos ngokuthi balindele enye inselelo enzima emdlalweni wabo wama-quarterfinal neCape Verde.
IBafana idlulele kuma-quarter-final ngokushaya izwe elikleliswe phezulu e-Afrika, iMorocco, ngo 2-0 emdlalweni we-Last 16 ngoLwesithathu. UFurman, owadlalela iqembu lesizwe kusukela ngo-2012 kuya ku-2020, uhlabeke umxhwele ngendlela eBafana edlale ngayo esiwombeni sesibili neMorocco.
Uncome uBroos ngokwenza izinto zibe lula ngokuhlanganisa abadlali abajwayele ukudlala ndawonye. Emidlalweni emithathu yakamuva, iBafana iqale umdlalo ngabadlali beMamelodi Sundowns abayisishiyagalombili.
“Ayingithusi inqubekela phambili yeBafana ngoba bengivele ngazi ukuthi siphetheni. Bengazi ukuthi singamangaza njengoba senza e-Egypt ngo-2019. Bengilindele into efanayo,” usho kanje ohlelweni lwe-BBC World Service.
"Indlela isiwombe sesibili esihambe ngayo ibiyinhle kakhulu. Yilo kanye uhlobo lomdlalo esifuna ukubona iBafana iludlala.
"Ngiyamncoma nomqeqeshi ngokuba nesibindi afake inqwaba yabadlali beMamelodi Sundowns, engelinye lamaqembu ahamba phambili e-Afrika. Kusobala ukuthi bayazana futhi abakuxwayi ukudlala benengcindezi."
Iqembu lakuleli selibheke ukufinyelela kowandulela owamanqamu kwi-Afcon, okokuqala selokhu lagcina ukungena emqhudelwaneni owawudlalwa eGhana naseNigeria ngo-2000.
Kuzomele likhiphe iCape Verde uma sebehlangana eCharles Konan Banny Stadium, eYamoussoukro, ngo-10 ebusuku.
Umlando uvuna iBlue Sharks njengoba yayiqumba phansi ngo 2-1 kabili iBafana ngo-2017 emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2018 eyayiseRussia.
UFurman wayeyingxenye yaleyo Bafana eyayiphekwa nguStuart Baxter, ehambisana nabadlali uRonwen Williams, Themba Zwane noPercy Tau, abaseqenjini elise-Ivory Coast njengamanje.
Naseqenjini leCape Verde bakhona abaseyingxenye yelamanje, njengonozinti uVozinha, isitobha uStopira, abahlaselayo uRyan Mendes noGarry Rodrigues, owahlohla amagoli amabili ngesikhathi bethulisa abalandeli baseMzansi eMoses Mabhida Stadium, eThekwin, ngo-2017.
“Ngeke ngikwazi ukuyishiya ngaphandle iBafana (emaqenjini asethubeni lokuwina isicoco), kubukeka sengathi kukhona okuhle okwenzekayo eqenjini. Angifuni ukusheshe ngikhulume ngoba sizodlala neCape Verde, eyasihlula kabili ngo-2017, ” kwengeza uFurman.
"Sadlala ngokulingana nabo emdlalweni wokuvula i-Afcon ka-2013 ekhaya, umdlalo okwakulindeleke ukuthi siwunqobe. Eqinisweni kwakufanele isishaye kuwona. Ngakho-ke angiyithathi kancane. Kuzoba wumdlalo onzima kakhulu.“
Umgadli weBafana, u-Evidence Makgopa, uqhakambise ukubaluleka kokuzehlisa ngaphambi komdlalo neCape Verde.
“Kufanele sizithobe, sigxile emdlalweni olandelayo, sikhohlwe ngodlule. Ngicabanga ukuthi lokho kuzosisiza. Kumele senze kangcono emdlalweni olandelayo, sikhohlwe wumphumela womdlalo esiphuma kuwona,” kusho uMakgopa oshayele iBafana igoli lokuqala koweMorocco.