UMQEQESHI weHighlands Park, u-Owen Da Gama, ubona umakadebona womgadli asanda kumsayinisa ezoba yimpendulo kwindlala yamagoli ebhekene nezakhe.
UDa Gama uthe akusavumi alinde, uTendai “Fire” Ndoro aqale ukudlala njengoba esadonsa isigwebo semidlalo emibili ngemuva kodaba olube yinzukayikeyi lokusayina emaqenjini amathathu adlala kumaligi ehlukene ngesizini eyodwa. Ngeshwa-ke isiphetho salolu daba, sigcine siphume ne-Ajax Cape Town, uNdoro agcine ukusayina kuyona, njengoba igawulwe yizembe kwi-Absa Premiership.
Emidlalweni eyisishiyagalombili, iHighlands isashaye amagoli ayisishiyagalombili, yangenelwa ayisikhombisa.
Ngasekuqaleni kwenyanga, i-The Lions of The North, imemezele ukuthi isayinise uNdoro inkontileka yonyaka owodwa.
“Isizathu esenze sasayinisa uNdoro, yingoba besifuna asishayele amagoli. Inkinga esibhekene nayo ukuthi sakha inqwaba yamathuba kodwa amagoli awangeni. Ngesikhathi sidlala neKaizer Chiefs sakhahlela amahlandla awu-17 epalini kodwa lutho igoli. Sidlala neMamelodi Sundowns sikhande amathuba ayisishigalolunye, lutho igoli. Ngicabanga ukuthi angasilapha kule nkinga uNdoro,” usho kanje uDa Gama.
Eqhubeka echaza uDa Gama, uthe iqembu lakhe linabadlali abaningi abasebancane nathi abadlali abafana noNdoro, bazomlekelela ekutheni kumasizini ambalwa kusuka manje, ezakhe zibe sezisezingeni eliphezulu kakhulu.
“Ukwakha iqembu kuthatha isikhathi. Ngicabanga ukuthi uma sinesisekelo esihle laba bafana bazobe bekwesinye isigaba, uma bezothola ukuziqeqesha ngendlela efanele, baphinde basizwe abadlali asebemnkantshubomvu,” kusho uDa Gama ebala uThabo Motlafi, Ryan Rae noLesenya Ramokala ababona bezogila izimanga kumasizini ezayo kwezakhe.
UNdoro useke wadlalela iMpumalanga Black Aces (iCape Town City), Orlando Pirates ngaphambi kokuya eSaudi Arabia kwi-Al-Faisaly.
UDa Gama uthe kuyamjabulisa ukuthi kuze kube yimanje amaqembu athathwa njengamakhulu, awakamshayi njengoba edlale ngokulingana neChiefs, Pirates neSundowns.
“Kuhlezi kumnandi ukudlala namaqembu amakhulu, ngiyaye ngikufanise nokufunda nomuntu ohlakaniphe kakhulu ngoba uyakusiza ekukhuleni. Ukudlala namaqembu amakhulu ngasekuqaleni kwesizini kube yisibusiso esikhulu kithina. Kusikhulisile, kwasifundisa njengeqembu,” kuphetha uDa Gama.