UNOZINTI weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma, uyayichitha eyokudingiswa kwabangaphandle kwiBetway Premiership ngenhloso yokuvulela izikhala abakuleli emaqenjini aseNingizimu Afrika.
UBvuma, obekubhekwe ukuthi athathe ijezi ezintini zaMakhosi emuva kokungavuselelwa kwenkontileka ka-Itumeleng Khune, ubhekene nenselelo entsha ngokufika kukaFiacre Ntwari waseRwanda okunguyena okubonakala umqeqeshi omusha, uNasdeddine Nabi, esakholelwa kuyena ezintini.
Selokhu uBvuma anyuselwa esikimini esikhulu ngo-2016 akakaze alenze elakhe ijezi kwiChiefs. Baningi onozinti abafike badla ijezi ekhona okubalwa kubona uDaniel Akpeyi, osevimbela iMarumo Gallants, noBrandon Petersen osekhona eNaturena. Emasontweni adlule unozinti weSuperSport United, uRicardo Goss, ucashunwe ethi kumele kushaywe umthetho ovimbela onozinti bangaphandle ukuzodlala eNingizimu Afrika njengoba kwenziwa e-Egypt. Lokhu kususwe wukuthi amaqembu amaningi kwiBetway Premiership adlalisa onozinti bokufika kunabaseMzansi. Lokhu kugcina kulimaza iBafana Bafana ebukeka isithembele kuRonwen Williams weMamelodi Sundowns kuphela. Iphutha elenziwe nguVeli Mothwa waMaZulu litolikwe ngabaningi ngokuthi akekho omunye unozinti kuleli osezingeni elifana nelikaWilliams ngoba iningi labo alidlali emaqenjini. Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, uke waliveza ilaka lakhe ngokufika kukaNtwari kwiChiefs, ethi ubona kuzovalela uBvuma ithuba ekubeni ngokwakhe umbone njengobengakwazi ukumfaka eqenjini lesizwe uma edlala.
“Angicabangi ukuthi singenza njengoba kwenziwa e-Egypt noma e-Afrika. Ngokwami uma unozinti esezingeni eliphezulu, akeze azodlala. Uma emuhle ngendlela yokuthi uyalidla ijezi, akavimbe njalo. Ngizokwenza isibonelo ngoDenis Onyango, uvimba kahle kakhulu futhi wenze kahle emaqenjini adlale kuwona. Anginayo inkinga nonozinti abafika lapha bedlale inqobo nje uma benza kahle,” kusho uBvuma.
Lo nozinti ukhuluma kanjena nje ukuhlaliswa ebhentshini nguNtwari kwiChiefs sekuholele ekutheni akhishwe kwiBafana.
“Angicabangi ukuthi ukudlala kwakhe kunginciphisela amathuba. Ngiyazi ukuthi konke kusezandleni zami ukuthi ngiyangena esikwatini noma cha. Akuhlangani nonozinti wangaphandle odlalayo eqenjini lethu. Ngakho ngidinga ukusebenza kanzima uma ngithola ithuba. Ngizobuyela eqenjini lesizwe,” kusho uBvuma.
UBvuma kungenzeka athole ithuba lokuvimba kwiChiefs uma isibhekene neMarumo Gallants kwiCufa Cup eFree State Stadium eBlomfoentein ngeSonto ngo-3 ntambama. UBvuma uthe uNabi akayingeni eyokuthi lona wumdlalo wobungani, ufuna bawine.
“Umqeqeshi ukubeke kwacaca ukuthi kuyena awukho umdlalo wobungani, kumele sizimisele. Ngakho njengoba siya kulo mdlalo, sizilungiselele kahle. Siyazi ukuthi kufanele siyowuwina umdlalo,” kusho uBvuma. IChiefs ivule imidlalo yeligi neMarumo, yanqoba ngo 2-1 enkundleni efanayo.