AKUKHO okungekho kwiBafana Bafana okungalethwa umgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa, ngokubona komqeqeshi wayo, uHugo Broos.
Lokhu kushiwo ilo mqeqeshi waseBelgium ngesikhathi eqhubeka namalungiselelo omdlalo ne-Uganda ku-Group K weyokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) onamuhla ngo-6 ntambama, e-Orlando Stadium.
UMabasa ushaye amagoli awu-16 kwiPremiership ngesizini edlule, wahlabana nge-Lesley Manyathela Golden Boot.
Nakuba kunjalo kodwa uBroos uqhubekile nokuziba lo mgadli ngesikhathi ehlanganisa isikwati sakhe sakamuva semidlalo emibili ne-Uganda neSouth Sudan ngokwahlukana. UMabasa usayiqale kahle nesizini neqembu lakhe njengoba engomunye wabashaye amagoli bezibekisela indawo kowamanqamu eMTN8 ngempelasonto edlule.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba esithangamini abenaso nabo kuleli sonto, uBroos ubuziwe ngokuqhubeka nokuziba kwakhe uMabasa, waphendula ngokuthi akukho okungaphezulu kumbe okuhlukile okungalethwa ilo mgadli kwiBafana.
Lokhu uBroos ukweseke ngokuthi, ku-Iqraam Rayners noLyle Foster, uzibona enakho konke okungalethwa uMabasa.
“Inkinga ngemibuzo ethinta abadlali abasale ngaphandle ihlupha ngokuthi laba abayibuzayo kufanele baqale basho ukuthi kufanele kukhishwe bani uma kufakwa uMabasa,” kusho uBroos.
“U-Iqraam (Rayners) ukwenze konke ebengikufuna kuyena sibhekene ne-Algeria neZimbabwe ngokwahlukana. ULyle (Foster) ugila izimanga eqenjini lakhe laphesheya kwezilwandle sonke siyazibonela, manje umbuzo uthi ngishiye bani kubona bobabili?
“Angilona uhlobo lomqeqeshi obizela abadlali eqenjini lesizwe ngoba besefomini kuphela kepha lokhu ngikwenza ngokuqonda ukuthi kufanele ngimelane nazo zonke izimo engingabhekana nazo ngokwahlukana kwemidlalo nezitha.
“Isikhathi esiningi ngiyakholelwa kwengikwaziyo ngakho-ke uma ngiqalaza engxenye kepha ngibone ukuthi akukho okuhlukile kumbe engingenakho kwengikubonayo, nakanjani ngizogxila kulokhu engikwaziyo.
“Mhlawumbe kunzima ukwamukela lokho kuyena uMabasa, nakinina (abezindaba) kodwa okwamanje angijiki kulokhu engikholelwa kukhona,” kusho uBroos.