UKUQOQA kweBafana Bafana amaphuzu zisuka amadaka emidlalweni yokuhlungela ukuyoyibamba kwiFifa World Cup eseNyakatho ye-America ngo-2026 kufanele kube yinto eseqhulwini kumqeqeshi uHugo Broos.
Uma ehluleka ukuyibekisela indawo kule ndebe yomhlaba ezosingathwa okokuqala ngqa amazwe amathathu okuyiCanada, Mexico ne-United States, kumele adede.
UBroos kumele akhombise amava akhe, ayise iBafana emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba. Ngeke kwehle kahle ukuthi ingaqhiphotha nathi ingabi yingxenye yengqophamlando yalo mqhudelwano ozobe unamazwe angu-48.
Lesi yisikhathi sokuthi iBafana ibophe izifociya, iqophe umlando omusha ozokwenza abantu baziqhenye ngayo. Ngaphandle kwalokho lokho, futhi kuzokwenza sihlonishwe e-Afrika nasemazweni omhlaba.
Ukubhimba kwezinto kuBafana kuzokwenza kwedlulele ukuphelelwa yisithunzi. Yisikhathi sokuthi igeze igama layo kwazise selokhu yagcina ukuzibekisela indawo ngezikhwepha zayo ngo-2002 eKorea naseJapan.
Emveni kwalokho yabhekwa yisambane, yasizwa wukusingatha ngo-2010.
Ngeke kugcine lapho, ngisho nentsha esakhula ngeke ibe nentshisekelo yokuzibandakanya nonobhutshuzwayo. Ngisho abaxhasi bangayibalekela. Izinkampani esikhathini esiphila kusona manje aziyingeni eyokuzihlanganisa neqembu elidlala umphuphe webhola.
Asikhombise nathi ukuthi siyayiboniswa idiski.
Emdlalweni wanamuhla ezotholana phezulu kuwo neNigeria, e-Ayo, eNigeria nozokwelanywa oweZimbabwe ngoLwesibili, silindele ukuthi iBafana ilwelwe ukuqoqa onke amaphuzu.
Side isikhathi iyizibukeli. Kuzofanele izethule umthwalo iphendule amatafula ngoba inabo abadlali asebevuthiwe.
Kuyihlazo ukuthi iNingizimu Afrika kufanele ithembele kumaBhokobhoko.
Ukuphoxa kweBafana kungakhomba ngokusobala ukuthi kuyofanele ligcwale umoya ibhantshi kumqeqeshi kanjalo nasezikhulwini zeSafa eziholwa uDanny Jordaan.