UKAPUTENI weqembu lesizwe lekhilikithi leTest labesilisa, uTemba Bavuma, uthi uzizwa ekulungelele futhi ukubheke ngabomvu ukuhola iqembu emidlalweni ezayo neWest Indies ngemuva kokuhlala isikhathi engadlali ngenxa yokulimala.
AmaProteas abhekise amabombo eWest Indies, izolo, lapho ezoba nemidlalo emibili yeTest nosokhaya ngo-Agasti 7 nango-Agasti 15.
Lolu kuzoba uchungechunge lwesibili lwama-Test oluzodlalwa yiqembu lakuleli kulo nyaka. Selike labhekana neNew Zealand ekuhambeni ngoFebhuwari, lapho lahambisa khona iqembu elaligcwele abadlali abasebasha, lashaywa ngo 2-0.
Lagcina ukudlala eyeTest neWest Indies kuleli ngoFebhuwari nangoMashi nyakenye, lanqoba uchungechunge ngo 2-0.
La maqembu agcina ukubhekana kweyeTest eWest Indies, ngoJuni ka-2021, nalapho kwakhonya elakuleli ngo 2-0. UBavuma akakwazanga ukudlala kulolo chungechunge ngenxa yokulimala.
“Ngesikhathi sigcina ukuya eWest Indies ngesikhathi sobhubhane lweCovid-19, ngalimala. Ngaqale ngathinteka enyongeni ngase ngilimala emunweni ngesikhathi sihlolwa. Akukuningi okuhle engikukhumbulayo ngalolo hambo,” usho kanje uBavuma.
“Ngiyakhumbula ngibuka imidlalo ukuthi kwakunzima kangakanani, ikakhulukazi kubadlali ababhethayo. Isimo senkundla sasingcono kubashwibi.
"Iqembu leWest Indies liyingozi uma lidlala ekhaya. Bayazi ukuthi amandla ethu alele kakhulu kubashwibi. Sinabadlali abasha ababhethayo kodwa kufanele sikulungele ukubhekana nabashwibi babo."
UBavuma ukholwa wukuthi isikhathi asichithile elulama ezinyangeni ezidlule kulandela ukulimala ethangeni simsizile ukuthi abuyele enkundleni esenomfutho.
“Ukuhlala lezi zinyanga ngingadlali kwenze ukuthi ngikwazi ukuqala kabusha. Isikhathi esiningi ngisichithe ejimini futhi ngenza lokho obekufanele ngikwenze ukuze ngilulame. Bekunzima ngokomqondo nasemzimbeni kodwa ngizizwa ngiwumqemane,” uqhube kanje.
“Ngijabule ngokubuyela eqenjini futhi sifuna ukunqoba. Ngokwami ngingathanda ukuhola iqembu kahle futhi ngifake isandla ngokushaya ama-run amaningi.”
Umshwibi uGerard Coetzee uhoxisiwe eqenjini ngenxa yokulimala, indawo yakhe isithathwe nguMigael Pretorius.
Umqeqeshi ogxile ekubhetheni, u-Ashwell Prince, naye uhoxile ngenxa yezizathu ezimayelana naye uqobo, isikhala sakhe savalwa ngu-Imraan Khan.