USALANGAZELELA ukudla ezinye izicoco umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, osanda kunqoba indebe yeCarling Knockout.
Lena bekuyindebe yokuqala enqotshwe yilo mqeqeshi esigabeni esiphezulu futhi bekuyisicoco sokuqala seStellies, okuyiqembu elasungulwa ngo-2016.
Eminyakeni edlule uBarker uyena obhekane nomsebenzi wokwakha isisekelo esesiholele ekutheni iqembu liphumelele, ikakhulukazi ngokukhiqiza abadlali asebewumgogodla walo, nabanye asebathole amadlelo aluhlaza.
Lokhu kungase kuholele ekutheni afunwe ngamanye amaqembu, kodwa ekhuluma neSouth African Football Journalists' Association, uthe usahleli kahle kuStellies.
“Uma ujabule lapho ukhona futhi ukwazi ukwenza umsebenzi wakho ngokukhululeka njengoqeqeshi, uthuthukisa abadlali enkundleni nangaphandle kwayo, kuba lula ukuthi uvuke ekuseni uye emsebenzini ngoba uyazi ukuthi uzoshintsha izimpilo zabantu.
“Ngijabule ngalesi sigaba engikusona. Ngifuna ukuqhubeka nokuthuthukisa iqembu nabadlali. Iqembu ngilibona liqhubeka lize libe ngelinye lamaqembu amakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika, futhi senza izinto ngendlela efanele.”
UBarker waqala ukuqeqesha ebholeni elikhokhelayo kwi-University of Pretoria ngo-2008. Ushiye leli qembu wajoyina AmaZulu ngo-2014. Uhlale iminyaka emibili oSuthwini ngaphambi kokukhonjwa indlela, wazitholela ikhaya elisha kuStellies.
Ubonge abaphathi beqembu ngokuba nesineke njengoba bedlule ebunzimeni ngaphambi kokunqoba isicoco sokuqala. UBarker unethemba futhi lokuthi ezinye zisazolandela uma bebambelela ezinhlelweni zabo.
"Ngicabanga ukuthi sisendleleni efanele. Kusobala ukuthi sike saba nezikhathi ezinhle nezimbi, nezinselelo ezithile. Kwala kancane ukuthi siye emidlalweni yokuhlunga eminyakeni embalwa edlule," uqhube kanje.
"Ngangivele ngazi ukuthi ngeke kube lula eminyakeni emibili noma emithathu yokuqala. IPSL iyiligi enzima. iwumqhudelwano onzima. Njengoba sikwazile ukumelana nalezo zinselelo, ngicabanga ukuthi iqembu seliqine kakhulu.
"Ngeke kulunge sizithele ngabandayo manje, kufanele siqinisekise ukuthi iqembu liyathuthuka ngoba uma singakwenzi lokho singazithola sesingasemsileni. Sesifunde izifundo eziningi futhi sihlale sicabanga ukuthi iqembu singalithuthukisa kanjani," kuphetha yena.