UGORDON Igesund, obalwa kubaqeqeshi abathathu baseNingizimu Afrika abahamba phambili ngezicoco kwiPremier Soccer League (PSL), uthi akukapheli ngaye ekuqeqesheni yize sekuneminyaka ecela kwemithathu engabonwa.
Empeleni u-Igesund, oke wacija neBafana Bafana kwi-2013 Africa Cup of Nations, uthi uzomangaza abaningi uma esebuya kunobhutshuzwayo ngoba uzoba eseziphethe kwazise kule minyaka emibili edlule engabonakali ubematasa nenkulisa eKapa.
“Sekuneminyaka emibili nesigamu ngithe gozololo eKapa lapho ngiqhuba khona inkulisa ebizwa ngeHamilton Football Academy. Uma ungena kwi-google nje ubheke iHamilton Football Academy, uzongibona nje kwenye ingxoxo ye-Espresso. Bheka uzobona,”kusho u-Igesund, odabuka eManzimtoti eThekwini.
Lo mqeqeshi ubalwa noGavin Hunt noPitso Mosimane kubaqeqeshi abanezicoco ezine zeligi. U-Igesund ube yivulandlela kwiPSL esinqoba ngesizini yayo yokuqala ngo-1996/1997 neManning Rangers yaseThekwini.
Ngemuva kwalokho usithathe ne-Orlando Pirates ngo-2000/2001 ngemuva kokuyosizumbula eKapa neSantos ngo-2001/2002.
Ngo-2006/2007 usitamuze neMamelodi Sundowns, aphinde wadla nayo iSAA Super 8 ngo-2007.
“Akukapheli ngami ekuqeqesheni. Ngisazobuya kwiPSL kodwa ngeke ngisafesa manje. Abafana bami beza kahle kakhulu kangangoba sengicabanga ngisho ukuthenga ubulungu kwi-ABC Motsepe League noma kwiNational First Division. Ngisazobona ngoba siphethe abafana abakahle kakhulu futhi neminyaka isabavuma ngoba iningi lila ko-18 no-20,” kusho u-Igesund.
Ngemuva kweBafana u-Igesund udlulele kwiSuperSport United anqobe nayo iMTN8 wase eya kwiHighlands Park, okuyiyo agcine ngayo ukuqeqesha kwiPSL ngo-2016.
Akujwayelekile ukuthi * -Igesund asebenze nabadlali abasebancane nokufakazelwa wukuthi elinye iqembu acishe wanqoba nalo isicoco seligi yiMoroka Swallows ngo-2011/2012 eyayiphethe amakhehla njengoSiyabonga Nomvethe.