Ukubheke ngabomvu ukubuyela enkundleni neqembu lesizwe ngemuva kokuhlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala umdlali weHollywoodbets Sharks, uLukhanyo Am.
Lo mdlali uzodlalela amaBhokobhoko okokuqala esikhathini esingaphansi kancane konyaka uma esebhekene nePortugal, eBloemfontein, namuhla ngoMgqibelo ngo-5 ntambama.
Akazange adlale nyakenye eNdebeni yoMhlaba eyayiseFrance, ngemva kokulimala kowokungcweka ne-Argentina, ngaphambi kokuqala komqhudelwano ngo-Agasti.
Ngesikhathi u-Am engekho, iqembu lesizwe belijwayele ukusebenzisa uJesse Kriel kwi-outside centre, okusho ukuthi usazoshuba umbango njengoba kubhekwe kwiRugby Championship.
“Izinyanga ezingu-24 ezedlule bezingugingqigongqo ngenxa yokulimala. Ngijabule ngokubuyela eqenjini nokuthola ithuba lokudlala futhi. Kumnandi ukuhlanganyela nozakwethu nokufunda amaqhinga amasha esifuna ukuwasebenzisa emidlalweni yethu,” kusho u-Am.
“Bekunzima kodwa ukulimala kuyingxenye yomdlalo. Okusemqoka wukusebenza kanzima ukuze ubuyele lapho ubukade ukhona. Ukuba lapha kuwuphawu lokuthi ngibuye ngazimisela. Sengijahe kabi ukugqoka ijezi lamaBhokobhoko futhi.
“Into enhle ngesikwati sethu wukuthi wonke amajezi ayabangwa ngoba sinenqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu. Lokho kugcina wonke umuntu ephapheme futhi esebenzela ukuthi abe bukhali ngaso sonke isikhathi.”
Emidlalweni edlule amaBhokobhoko adlale ne-Ireland ayinqoba ngo 27-20 kowokuqala. Ngempelasonto edlule elakuleli likhale ngaphansi ngo 24-25.