UJATSHULISWA ukuthi iqembu likwazile ukupholisa amanxeba okwenza kabi kwi-United Rugby Championship ngokuthola imiphumela emihle kwiChallenge Cup umqeqeshi weHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree.
ISharks idlulele kowandulela owamanqamu e-Challenge Cup ngoMgqibelo ntambama ngokuthela phansi i-Edinburgh yaseScotland ngo 36-30 eHollywoodbets Kings Park.
EzikaPlumtree bezivele zilindele umdlalo onzima ngemuva kokushaya i-Edinburgh ngo 23-13 kowe-URC emasontweni amabili edlule futhi zawuthola njengoba iqembu likaSean Everitt lilwe kusukela ekuqaleni komdlalo waze waphela.
Nokho, iSharks ikwazile ukumelana nengcindezi yanqoba lo mdlalo ngama-try kaLukhanyo Am, Bongi Mbonambi noJames Venter, amaphuzu angu-18 aqhamuke emabholeni akhahlelwe nguSiya Masuku, namathathu ashaywe kuCurwin Bosch.
“Besazi ukuthi kuzoba yinselelo enzima ukudlala ne-Edinburgh ngemuva kwamasonto amabili, yingakho ngiziqhenya ngabaqeqeshi abasebenze ngokuzikhandla, kanye nabaholi beqembu ngendlela abalungise ngayo umdlalo esiwombeni sesibili,” kusho uPlumtree.
ISharks isizobhekana neqembu laseFrance, iClermont, kowandulela owamanqamu eChallenge Cup ngempelasonto yokuqala kaMeyi.
Ngaphambi kwalokho, kuzofanele iqedele imidlalo yayo yamaqoqo e-URC ngokubhekana neGlasgow Warriors, eScotland, ngoLwesihlanu neScarlets, eWales.
“Sinemidlalo embalwa emikhulu ngaphambi kokuthi sidlale kowandulela owamanqamu kodwa yiwona esizobe siwubheke kakhulu. Cishe kuzoba khona izinguquko emdlalweni olandelayo ngoba sinabadlali abambalwa asebedlale kakhulu,” uqhube kanje lo mqeqeshi.
“Ngizizwa ngijabule futhi ngijabulele nabalandeli. Akukho okuningi obekubajabulisa kule sizini kodwa manje sesibheke emdlalweni owandulela owamanqamu. Kuzoba umdlalo omkhulu neqembu laseFrance elisezingeni eliphezulu futhi kuzomele siwulungiselele kahle.”
Elinye iqembu laseNingizimu Afrika, iVodacom Bulls, likhishwe kwi-quarter-final yeChampions Cup ngesikhathi lixetshulwa yiqembu lase-England, iNorthampton Saints, ngo 59-22 ngoMgqibelo ebusuku.