UNOBHALA weSafa eThekwini, uZama Buthelezi, uncoma izinga eliphezulu elisakhonjiswe ngamaqembu abambe iqhaza emqhudelwaneni webhola Isolezwe Soccer Cup oqhubekayo eGlebe Stadium eMlaza.
ISAZISO: Sanibonani bafundi
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) December 15, 2022
Ngenxa yemvula enkulu enile kuleli sonto, siphoqeleke ukuthi sishintshe inkundla okuzodlalelwa kuyo imidlalo yamanqamu ye-Isolezwe Cup, ngeSonto. Sekuzodlalelwa enkundleni iGlebe, eMlaza, hhayi eSugar Ray Xulu. Iyobonana khona! pic.twitter.com/yFBgA4cyzT
Le ngqophamlando yomqhudelwano oyingxenye yemigubho yephephaphanda Isolezwe yokuqeda iminyaka engu-20 lasungulwa, uhamba nesamba sikaR50 000 esizohlukaniswa ngamaqembu adle umhlanganiso kwabesilisa nabesifazane.
Emqhudelwaneni kudlana imilala amaqembu angu-21 adlala kumaLocal Football Association (LFA) angaphansi kweSouth African Football Association (Safa), eThekwini.
Kula maqembu angu-21 kubalwa namane ebhola labesifazane.
Imidlalo bekumele iqale ngoMsombuluko ezinkundleni ezahlukene kodwa ngenxa yemvula ize yaqala ngoLwesibili, izosongwa ngowamanqamu eGlebe Stadium, eMlaza, kusasa ngo-10 ekuseni.
“SiyiSafa eThekwini sisahlabeke umxhwele ngezinga eliphezulu elisakhonjiswe ngamaqembu abambe iqhaza kulo mqhudelwano kuze kube manje,” kusho uButhelezi.
“UDisemba yisikhathi semiqhudelwano ezimele yokuphela konyaka, ebizwa ngeziteki. Kodwa kulo mqhudelwano kudlala amaqembu angawudlali uqhudeqhude.
“Kudlala amaqembu adlala ngokulandela imithetho yeSafa, okuyiyo eyengamele ibhola kuleli.
“Nokuzihlonipha kwamaqembu kukhulu ngoba ayazi ukuthi le midlalo isemthethweni njengoba igunyaziwe, iphethwe yiSafa.”
Iqembu elizodla ubhedu kwabesilisa lizokhala lemuke noR20 000 owukheshi, kuthi elizolala isibili lihambe noR15 000. Kwabesifazane iqembu elizinqoba kowamanqamu lizogoduka noR10 000, kuthi elihlulwe kowamanqamu lithole umthobanhliziyo kaR5 000.