Uyaziqhenya ngomlando oqoshwe yiqembu lakhe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) yize liphumile kwi-Last 16 yalo mqhudelwano umqeqeshi weNamibia, uCollin Benjamin.
Uhambo lweBrave Warriors kwi-Afcon ebanjelwe e-Ivory Coast lufike esiphethweni ngesikhathi ixetshulwa yi-Angola ngo 3-0 emdlalweni obuseStade de la Paix eBouake ngoMgqibelo ebusuku.
UGelson Dala ushayele i-Angola amagoli amabili esiwombeni sokuqala ngaphambi kokuthi akhe igoli elibekwe enethini nguCristova Pancienca, odume ngelikaMabululu, ngesiwombe sesibili.
Womabili la maqembu aqede umdlalo engasaphelele. Unozinti we-Angola, uNeblu, ukhishwe kuqala ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-17 ngesikhathi ebamba ibhola ngaphandle kwebhokisi. ULubeni Haukongo waseNamibia yena ukhonjwe indlela ngomzuzu ka-40 enikezwa ikhadi lesibili eliphuzi.
"Ngokubona kwami njengomqeqeshi siqale kahle kakhulu, beyibonakala inhloso yeqembu. Izinto zishintshe ngesikhathi kukhishwa unozinti we-Angola, nokuyinto ebengingafuni yenzeke. Abadlali bethu baqale ukuzithela ngabandayo ngoba sebezitshela ukuthi sidlala neqembu elishodayo,” kusho uBenjamin.
"Uma lokho kwenzeka kuleli zinga ngeke ukwazi ukunqoba ngoba kufanele wonke umuntu aqhubeke nokuzimisela. Angisho ukuthi abadlali bakwenze ngamabomu kodwa kwenzekile futhi kungesinye salezo zifundo ozifunda ebholeni."
INamibia ibidlala okwesine kwi-Afcon selokhu yangena okokuqala emqhudelwaneni owawuseBurkina Faso ngo-1998. Emiqhudelwaneni emithathu edlule yakhishwa esigabeni samaqoqo inganqobanga nowodwa umdlalo.
UBenjamin uthe ukunqoba iTunisia ngo 1-0 esigabeni samaqoqo nokungena esigabeni somkhumulajezi okokuqala yinto okufanele ibanike ithemba uma sekudlulile ukuphoxeka abakuzwayo.
"I-Angola inqobe kufanele futhi siyayihalalisela. Njengomuntu waseNamibia kunzima ukwamukela ukuthi uhambo lwethu seluphelile kodwa kufanele siqine, sibheke phambili," uqhube kanje lo mqeqeshi.
“Uma sekudlulile ukuphoxeka sizobona ukuthi kusithathe iminyaka engu-26 ukunqoba umdlalo wethu wokuqala kwi-Afcon, kwasithatha iminyaka efanayo ukudlula esigabeni samaqoqo.
"Ngakho-ke kufanele siqhubeke sithathe igxathu negxathu. Yebo sidumele, kufanele kube njalo. Kodwa sifunde lukhulu futhi kufanele sibuyele emuva siqhubeke nokusebenza. Akufanele sidikibale."
Iqembu laseNamibia belinabadlali abaningi abadlalela amaqembu aseNingizimu Afrika okukhona kubona uPeter Shalulile weMamelodi Sundowns, Deon Hotto we-Orlando Pirates, Riaan Hanamub waMaZulu FC.
Lesi sibalo kulindeleke ukuthi sinyuke ngemuva kokuthi iCape Town City imemezele ukuthi isivumelene neqembu laseKosovo, i-KF Liria, ngokuthi isayinise umdlali wasesiswini uPrins Tjiueza (21), obegqamile kulo mqhudelwano.