UMPHUMELA womdlalo wamaProteas wokuvula eNdebeni yoMhlaba yeT20 awudlale neSri Lanka ngoMsombuluko akufanele usetshenziswe njengesizathu sokugxeka isimo senkundla, ngokusho komshwibi waleli qembu lakuleli, u-Anrich Nortje.
Lo mdlalo obuseNassau County International Cricket Stadium, eNew York, unqotshwe elakuleli ngamawikhethi ayisithupha.
ISri Lanka ibhethe kuqala yakhishwa yonke isashaye ama-run angu-77 kuphela. AmaProteas anqobe ngokuhlanganisa ama-run angu-80 eselahlekelwe amawikhethi amane.
Yize iqembu lakuleli linqobile kodwa bekungelula nakulona ukuthola ama-run ngokushesha, kwadingeka ukuthi abadlali badlale ngokucophelela yize besingekho phezulu isibalo sama-run ebesidingeka.
Ebuzwa ngokuthi imidlalo enama-run amancane kungenzeka yini yehlise isasasa lalo mqhudelwano, uNortje uthe akubona kuphela abadlali ababhethayo abenza ukuthi umdlalo ushise.
"Ngicabanga ukuthi umdlalo ubumuhle. Abantu bebejabulile, inkundla beyichwaza futhi nekhilikithi edlaliwe ibisezingeni eliphezulu,“ kusho uNortje.
“Akudingeki ukuthi abadlali ababhethayo balishaye liphumele ngaphandle bephindelela ibhola ukuze umdlalo ube nesasasa, namawikhethi ayabajabulisa abalandeli.
“Besingazi ukuthi silindele izinkundla ezinjani kodwa silitholile ithuba lokuzilolonga. Nathi njengabashwibi kufanele sizijwayeze inkundla njengoba nabadlali ababhethayo kufanele benze okufanayo. Akukho engikusolayo ngale nkundla ebesidlalela kuyona.”
Le Ndebe yoMhlaba ibanjelwe e-USA naseWest Indies. Ngenxa yokuthi azikho izinkundla zekhilikithi ezilungele ukusingatha imidlalo yalolu hlobo e-USA, kudlalelwa ezinkundleni ezijwayele ukusetshenziselwa eminye imidlalo njenge-baseball kodwa kufakwe amawikhethi ekhilikithi akhuliswe kwezinye izindawo.
UNortje uqokwe njengomdlali ovelele kowokuvula neSri Lanka kulandela ukuthatha amawikhethi amane. Ungene kulo mqhudelwano kunokungabaza mayelana nefomu yakhe ngenxa yokuthi uke wahlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala.
Ubuye wangashwiba kahle ochungechungeni lweT20 ngesikhathi iqembu likaRob Walter libhekene neWest Indies. Uthe kumjabulisile ukuwuqala kahle lo mqhudelwano.
“Ngike ngadlula ebunzimeni kodwa ngigculisekile ngendlela engishwibe ngayo kulo mdlalo. Izinto zingihambele kahle futhi kungihlabe umxhwele ukuthi ngikwazi ukusiza iqembu linqobe umdlalo wokuqala okuwumdlalo omqoka emiqhudelwaneni yalolu hlobo,” kuqhuba uNortje.
“Izinsuku ezimbalwa ezedlule bezinzima kithina sonke ngenxa yemiphumela engemihle esiyithole eWest Indies kodwa sesiqale umgqigqo omusha futhi kufanele singabe sisawudedela.”
AmaProteas asezobhekana neNetherlands kolandelayo ngoMgqibelo ngo-4.30 ntambama. Azobe esedudulana neBangladesh ngoMsombuluko bese edlala owokugcina wamaqoqo neNepal ngoJuni 15.