UMSHWIBI wakuleli, uMarco Jansen, othathe amawikhethi amathathu ngesikhathi amaProteas eqopha umlando ngokungena okokuqala ngqa kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba, uthe kuyajabulisa ukuthi sebeyakhombisa ukuthi bayakwazi ukunqoba imidlalo ebucayi.
AmaProteas azifake kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba yeT20 izolo ezintathakusa, equmba phansi i-Afghanistan ngamawikhethi ayisishiyagalolunye eBrian Lara Cricket Academy, eTrinidad and Tobago.
I-Afghanistan iwine ithosi yaqoka ukushwiba kuqala. Akuthathanga sikhathi ukuthi abashwibi bamaProteas bakhombise inhloso yokusheshe baqede umdlalo, bekhipha abahlanu ababhethayo i-Afghanistan isashaye ama-run angu-23 kuphela.
Munye kuphela umdlali waleli zwe lase-Asia ohlanganise ama-run angu-10, okungu-Azmatutullah Omarzai. Abanye basheshe bakhishwa, i-Afghanistan yaqedwa yonke nge-over ka-12, isacoshe ama-run angu-56 kuphela.
AmaProteas asheshe alahlekelwa yiwikhethi ka-Quinton de Kock, obesashaye ama-run amahlanu emabholeni ayisishiyagalombili. Noma kunjalo, uReeza Hendricks no-Aiden Markram bakwazile ukuwahlangisa ama-run abedingeka, amaProteas afinyelela kuma-run angu-61 nge-over yesishiyagalombili.
“Njengomdlali osemusha kuleli qembu angikholelwa ekutheni siyizehluleki. Ngicabanga ukuthi nabadlali osekunesikhathi beseqenjini bakwazile ukukholwa ukuthi singayiguqula indlela abantu ababuka ngayo iqembu lethu,” kusho uJansen.
Umdlalo wamanqamu uzoba seKensington Oval, eBarbados, kusasa ngo-4.30 ntambama, lapho amaProteas ezodudulana khona ne-India noma i-England.
“Sizongena emdlalweni wamanqamu sizethemba futhi sizokwenza konke okusemandleni ethu. Siyazi ukuthi kungenzeka noma yini emdlalweni wamanqamu. Esingakwenza ukudlala ikhilikithi esezingeni eliphezulu.
“Mayelana naleli temu lama-Chokers, ngibona sengathi sesiqalile ukuwushintsha lowo mbono kulo mqhudelwano. Awamaningi amaqembu abezoyinqoba yonke imidlalo eyisishiyagalombili esesiyinqobile. Sisaqhuba kahle kodwa sesigxile kowamanqamu.”
Ngaphambi kowandulela owamanqamu, elakuleli belidlale eyisishiyagalombili eyandulela owamanqamu uma kuhlanganiswa iNdebe yoMhlaba yeT20 neyemidlalo yama-over angu-50 kodwa lihluleka ukudlulela kowamanqamu.
Besekubeqanjwe ngokuthi ama-Chokers, okuchaza ukuthi liyabhacaza uma kumele linqobe imidlalo emqoka.