ULINDELE ukuthi iqhubeke impi yamandla uma sebedudulana ne-Ireland kuma-scrum emdlalweni wesibili, umdlali waphambili wamaBhokobhoko, uBongi Mbonambi.
Amaqembu azotholana phezulu namuhla ngo-5 ntambama, okungokwesibili amasonto elandelana eHollywoodbets Kings Park, eThekwini.
Nakuba amaBhokobhoko anqoba ngo 27-20 emdlalweni wokuqala ngoMgqibelo odlule eLoftus Versfeld, kodwa okwagqama wukuthi i-Ireland yafika iwalungele amandla eqembu lakuleli.
Lokhu kwabonakala ngesikhathi izivakashi zikhombisa ukuba ngaphezulu kuma-scrum esiwombeni sokuqala. AmaBhokobhoko aqala ukukhonya esiwombeni sesibili sekushintshwe inqwaba yabadlali abaqala phambili.
Njengoba umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus ezobuya neqembu elifanayo, i-Ireland iphoqelekile ukuthi yenze izinguquko ngenxa yokulimala kukaCraig Casey, Bundee Aki, noDan Sheehan.
Indawo kaCasey kwi-scrumhalf ithathwe nguConor Murray, isikhala sika-Aki sivalwe ngoGary Ringrose kwi-centre kwathi phambili kwafakwa uRonana Kelleher endaweni kaSheehan.
“Ukulimala kwabadlali yinto eyenzekayo kulo mdlalo. UKelleher ozodlala kwi-hooker uqinile kuma-scrum. Ngimbona enamandla athe xaxa, ngakh ngeke kube lula neze ukubhekana nabo,” kusho uMbonambi.
“Banabadlali baphambili abasezingeni eliphezulu ngakho-ke ukulimala koyedwa wabo ngeke kwenze mehluko otheni. Silindele enye impi kuma-scrum. Sizozilungiselela futhi siyethemba ukuthi sizothola umvuzo omuhle ngalokho.”
UMbonambi ukhale ngamaqhinga angalungile abawabona esetshenziswa yizivakashi emdlalweni wokuqala, abathemba ukuthi onompempe bazowaqaphela emdlalweni wesibili.
“Sixoxile singabadlali baphambili nomqeqeshi uDaan (Human). Kukhona okwenziwa yi-Ireland kuma-scrum esingakuthandanga, ikakhulu esiwombeni sokuqala. Esikufunayo wukuthi kwenziwe izinto ngendlela eqondile,” uqhube kanje.
“Sifuna kuqhudelwane ngendlela efanele. Yilapho siqinise khona kakhulu kuleli sonto ngoba sifundile kokwenzeke emdlalweni wokuqala. Siyazi nabo bazokwenza okufanayo ngoba akubajabulisanga ukuthi sabahlula.”
AmaBhokobhoko asazobhekana nePortugal ngoJulayi 20, eBloemfontein, ngaphambi kokududulana ne-Australia, New Zealand, ne-Argentina kwiRugby Championship ngo-Agasti nangoSepthemba.