Ugculisekile uRassie Erasmus, ongumqeqeshi wamaBhobhoko ngokuthi iqembu elizobhekana neWales emdlalweni wokuvula isizini ngoMgqibelo, libunjwe abadlali abangomakadebona nabasebasha.
AmaBhokobhoko neWales bazodudulana kwiQatar Airways Cup emdlalweni ozoqala ngo-3 ntambama eTwickenham Stadium, eLondon.
Okuqaphelekayo ngalo mdlalo wukuthi ungaphandle kwewindi lemidlalo yamazwe ngamazwe, okusho ukuthi abadlali bakuleli abasematasatasa namaqembu abo e-Europe abazange badedelwe.
Omunye wabangekho ngukaputeni uSiya Kolisi odlalela iRacing 92 eFrance. Ngenxa yalokho igqembu lizoholwa nguPieter-Steph du Toit ngoMgqibelo. Isikhondlakhondla esigijima phambili uVincent Koch, sizobe sihlanganisa imdlalo engu-50 neqembu lesizwe.
Bane abadlali okubhekwe ukuthi badlalele amaBhokobhoko okokuqala ngqa. Labo ngabasemuva; u-Edwill van der Merwe noJordan Hendrikse, abazowuqala umdlalo, uBen-Jason Dixon odlala kwi-lock, noSacha Feinberg-Mngomezulu odlala emuva.
Iqembu liqine ngokwanele njengoba lizobe libophele abadlali abangu-10 ababekhona ohlwini lwabadlali abaqokelwa owamanqamu eNdebe yoMhlaba, kanti bangu-16 ababeyingxenye yeqembu elaliseFrance.
“Leli yiqembu elithokozisayo futhi sikubheke ngabomvu ukubona ukuthi abadlali abangakadlali bazonyukela kanjani ezingeni eliphezulu. Sifuna ukubona ukuthi lokhu abebekwenza ngesikhathi sizilolonga bazokwenza kanjani enkundleni,” kusho u-Erasmus.
“Abadlali abafana no-Edwill, Jordan, Ben-Jason no-Sacha basihlabe umxhwele kakhulu ejimini futhi sikholwa ukuthi banakho okudingekayo ukuze bazibonakalise bebhekene neqembu elisezingeni elifana neleWales.
“Bazobe bezungezwe abadlali abanamava, iningi labo eselinqobe iNdebe yoMhlaba, ngakho-ke banabo abantu abazobabonisa uma sekushisa enkundleni.”
Kubadlali abangazange babizwe eqenjini lesizwe ngenxa yokulimala, kubalwa uCheslin Kolbe, Lukhanyo Am, Damian Willemse, Canan Moodie, Kurt-Lee Arendse nabanye, kodwa u-Erasmus ubonga ithuba lokusebenzisa abanye asebekade bengqongqoza eqenjini lesizwe.
“Kuyasijabulisa ukubona abadlali abafana no-Aphelele (Fassi), Evan (Roos), Ntuthuko (Mchunu) noSalmaan (Moerat) bebuyela eqenjini lesizwe ngemuva kokudlala okokuqala eminyakeni edlule,” usho kanje.
Umdlalo wangoMgqibelo uzolandelwa eminye emibili enzima ne-Ireland ngoJulayi, nowodwa nePortugal.
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana neWales ngoMgqibelo:
Abazoqala: South Africa: 15 Aphelele Fassi, 14 Edwill van der Merwe, 13 Jesse Kriel, 12 Andre Esterhuizen, 11 Makazole Mapimpi, 10 Jordan Hendrikse, 9 Faf de Klerk, 8 Evan Roos, 7 Pieter-Steph du Toit (ukaputeni), 6 Kwagga Smith, 5 Franco Mostert, 4 Eben Etzebeth, 3 Vincent Koch, 2 Malcolm Marx, 1 Ox Nche.
Abasebhentshini: 16 Bongi Mbonambi, 17 Ntuthuko Mchunu, 18 Frans Malherbe, 19 Salmaan Moerat, 20 Ben-Jason Dixon, 21 Grant Williams, 22 Sacha Feinberg-Mngomezulu, 23 Damian de Allende.