UTHEMBISA ukuthi uzobuyela ekudlaleni umbhoxo owayengumdlali wamaBhokobhoko, u-Elton Jantjies, nakuba esamisiwe kulo mdlalo.
Ngesikhathi ehlolwa esekhempini yamaBhokobhoko ngoJuni nyakenye kwatholakala ikhemikhali engavumelekile, iClenbuterol emzimbeni wakhe.
Lokho kwaholela ekutheni angaqokwa eqenjini elavikela iNdebe yoMhlaba eFrance nyakenye. Wayekhona eqenjini elanqoba le ndebe eJapan ngo-2019 .
Inhlangano eqaphe ukusetshenziswa kwezidakamizwa nokunye okungekho emthethweni kwezemidlalo, iSouth African Institute for Drug-Free Sport (SAIDS), yaqinisekisa ngoJanuwari nonyaka ukuthi umisiwe iminyaka emine kulandela ukungasiphikisi kwakhe isinqumo sokuqala.
UJantjies (33) ufake i-video ekhasini lakhe kwi-Instagram ekhombisa ukuthi ukholwa wukuthi angase asheshe abuyele enkundleni kunesikhathi ebesilindelekile.
“Abantu abaningi banemibuzo eminingi mayelana nomsebenzi wami webhola lombhoxo, kodwa yazini ukuthi ngizobuya ngokushesha kunalokhu enikucabangayo.
“Lonke ucwaningo, wonke amaqiniso, nabo bonke ubufakazi bukhombisa ukuthi ziningi izinhlangano ezithintekayo mayelana nokuthi ngitholwe nginento engingakaze ngiyisebenzise,” kusho uJantjies.
Uthe usazokwenaba mayelana nokuphuthelwa wukudlala eNdebeni yoMhlaba, kodwa akagxilile ezintweni ezimbi, ulungiselela izinto ezinhle. Kunezinto ezimbalwa okufanele azilungise, kodwa unethemba elikhulu.
UJantjies wagcina ukudlala ngoMeyi nyakenye esagijima eqenjini laseFrance, i-Agen, elisesigabeni sesibili sakhona, iPROD2.
Umdlalo wakhe wokugcina neqembu lesizwe wawungo-Agasti ka-2022 ngesikhathi libhekene ne-Australia e-Adelaide.
Uke wabandakanyeka ezintweni ezingezinhle ngesikhathi esengumdlali wamaBhokobhoko.
NgoMeyi ka-2022 wavela enkantolo kulandela isigameko lapho kuthiwa walimaza impahla endizeni kodwa icala labuye lahoxiswa.
NgoSepthemba ngawo lowo nyaka waphindiselwa ekhaya esuswa ekhempini yamaBhokobhoko e-Argentina kulandela izinsolo zokuthi uthandana nenye yezintokazi ezisebenza eqenjini ekubeni eshadile.
Nokho, kule vidiyo ende ayifakile, uthembise ukubuya esengumuntu ohlukile.
“Ngikholelwa ekutheni lezi zinyanga ezimbalwa ezedlule zibe yisibusiso. Yebo, ngiyafuna ukudlala ibhola lombhoxo nokwenza into engiyithandayo kodwa kungivulele namanye amathuba.
“Kunginike izimpendulo eziningi mayelana nempilo yami kanye nomsebenzi wami,” uqhube kanje.
Uthe baningi abantu abebukela kubona kodwa abamdumaze kabi. Laba ngabantu abekholelwa kubo. Uvuleke amehlo kakhulu, ngakho uma ebuyela enkundleni uzobe engu-Elton owehlukile.
Lo mdlali uqale ukubonakala embhoxweni okhokhelayo ngesikhathi edlalela iqembu laseGauteng, iLions, ngo-2011.
Uke wadlalela nawaseJapan, iShining Arcs neRed Hurricanes nePau yaseFrance.