UNEZINHLELO zokubuyisela esicongweni iLamontville Golden Arrows uBrice Peterson ongumqeqeshi omusha waleli qembu kwiDStv Diski Challenge.
UPeterson, obengumqeqeshi weqembu lika-Under 17 laMaZulu, uqashwe kuBafana Bes’thende ngesonto eledlule emuva kokukhonjwa indlela kukaJaphet Zwane obephikwa yimiphumela.
Ngaphansi kukaZwane, i-Arrows ihlulwe kuyona yonke imidlalo emine esayidlalile kule sizini ka-2024/2025. Ngesizini edlule, leli qembu elinezicoco ezimbili zeligi yeDiski, belingabalwa emaqenjini asembangweni. Abafana Bes’thende basendaweni ka-14 kwi-log. Bangenelwe ngamagoli angu-12, bashaya amathathu.
“Bekungelula ukuthatha isinqumo sokushiya abafana bami kuMaZulu. Kumnandi ukubabona bekhula, bethuthuka, befinyelelela ezingeni abafuna ukuba kulona. Kodwa ithuba lokujoyina i-Arrows elokukhula kimina njengomqeqeshi. Kuyashiwo ukuthi uma ungalisebenzisi ithuba, uhlala ungakwazi obekuzokwenzeka. I-Arrows inabadlali abanekhono futhi engibonayo ukuthi bangenza kahle kule ligi. Okokuqala okudingekayo wukubuyisa ukuzethemba kubona njengoba bekade bengawini,” kusho uPetersen.
Amaqhinga kaPeterson azoqala ukuvivinywa kusasa uma sebebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni weligi yeDiski eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. Lo mdlalo uyingxenye yemidlalo yeDiski ezodlalwa kule nkundla kusasa nangeSonto.
“Ngeke ngikubheke kakhulu ukuthi sidlala nePirates. Okubalulekile wukwakha iqembu kancane kancane, abadlali bayiqonde indlela engifisa sidlale ngayo. Kungangijabulisa ukuthi ngesikhathi sikwenza lokho sibe sicosha amaphuzu. Akekho umqeqeshi ongafuni ukuwina. Kodwa okumqoka kimina wukuthi iqembu libe ngcono kunangesonto eledlule. IPirates yiqembu elikhulu futhi kuzoba wumdlalo onzima kodwa okubalulekile wukuthuthuka kweqembu,” kusho uPeterson.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
Kusasa: Magesi FC v Chippa United (Old Peter Mokaba Stadium, 10am); Stellenbosch v TS Galaxy (Sugar Ray Xulu Stadium, 1pm); Golden Arrows v Orlando Pirates (Sugar Ray Xulu Stadium, 3pm).
NgeSonto: Cape Town City v Polokwane City (Malta Park Sports Complex, 10am); Sekhukhune United v Marumo Gallants (Isak Steyl Stadium, 10am); AmaZulu v SuperSport United (Sugar Ray Xulu Stadium, 1pm); Richards Bay v Kaizer Chiefs (Sugar Ray Xulu Stadium, 3pm).