KUVELA isizathu esenze wamiswa emsebenzini uKagiso “KG” Dikgacoi ongelinye lamabamba omqeqeshi kwiRoyal Eagles.
UDikgacoi umiswe isigubhukane ngoLwesithathu, nobekungacaci ukuthi yini isizathu.
Ngokuthola kweSolezwe, uDikgacoi umiselwe isigameko esenzeke ngaphambi kwekhefu leFifa. Ngokusho komthombo osondelene kakhulu ne-Eagles, udweshu lusuke ngendaba yabadlali.
“Ngaphambi kwekhefu leFifa, kwakunguLwesine uma ngingaphosisi, uDikgacoi wayalela abadlali ukuba bagoduke baye emakhaya kwazise kwakuzoba nekhefu, kungekho okungako okwenziwayo eqenjini. Imenenja yeqembu (uJames Dlamini), yakhombisa ukungakuthokozeli okushiwo uDikgacoi, yathi abadlali abahlale bangayi emakhaya bajime.
“Ngenxa yokuthi umqeqeshi wayengasiboni isizathu esihlaliselwa abadlali, wabe eseqinisa ikhanda wabagodukisa abadlali, baya emakhaya. NgoMsombuluko (esiphuma kuwona), indaba ibisinkulu kakhulu njengoba abadlali betshelwe ukuthi uDikgacoi usemisiwe emsebenzini,” kulandisa umthombo.
Ngokuthola kweSolezwe bekungekona okokuqala uDlamini noDikgacoi bengaboni ngaso linye. Kuthiwa bese kunesikhathi behilizisana.
Lo mthombo uqhube wathi mancane kakhulu amathuba okuthi libuye itoho likaDikgacoi.
“Iqiniso wukuthi ngeke esabuya uKG. Abaphathi bebemane bezisholo nje uma bethi uzobuya, ngeke esabuya. Phela abaphathi bebevele bengasayizwa indaba yokusebenzisana noDikgacoi ngoba akancethezi nhlobo. Uma into engahambisani nayo futhi engayizwa kahle ubesho. Ubebalwela nabadlali kubaphathi. Okubuhlungu wukuthi nabo abadlali bayazi ukuthi uDikgacoi ngeke esabuya,” kuphetha lo mthombo.
UDikgacoi noSazi Ngubane babambele uRoger Sikhakhane osaxinwe ukugula.
Kusasa i-Eagles izodlala neTS Galaxy eChatsworth Stadium ngo-3.30 ntambama.
UDlamini walile ukuqinisekisa isizathu amiselwe sona uKG.
“Angikwazi ukukhuluma ngesizathu amiselwe sona sibe singakahlangani naye ngoLwesibili. Lolu wudaba lwangaphakathi. Usazohlangana nabaphathi,” kusho uDlamini.
Uthe ebhentshini kuzobe kuhleli uNgubane kwazise uSikhakhane usalulama ekhaya.
Imidlalo yeNFD:
Kusasa ngo-3.30 ntambama:
Tshakhuma Tsha Madzivhadila v Mbombela United (New Peter Mokaba Stadium); Royal Eagles v TS Galaxy (Chatsworth Stadium); Maccabi FC v Real Kings (Dobsonville Stadium); TS Sporting v Stellenbosch FC (KwaBokweni Stadium); Ajax Cape Town v Ubuntu Cape Town (Cape Town Stadium)
NgeSonto ngo-3.30 ntambama:
Cape Umoya United v Witbank Spurs (Cape Town Stadium); Jomo Cosmos v University of Pretoria (Makhulong Stadium); Richards Bay FC v Uthongathi FC (Umhlathuze Sports Complex)