UMDONSISWANO ophakathi kohlaka lukazwelonke lophromotha, iNational Professional Boxing Promoters’ Association (NPBPA), noNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uZizi Kodwa, usukapakele nakophromotha baKwaZulu-Natal.
Udweshu luqale ngemuva kokuthi uKodwa eqoke ibhodi entsha yeBoxing South Africa (BSA) emuva kokuphela kwesikhathi selidala. Lokhu akwehlanga kahle kwi-NPBPA eqonde enkantolo ikhala ngokuthi uKodwa akazange ayazise ukuze ifake isandla kuthi yenze izethulo.
Ukufakana ezinkantolo, kuholele ekutheni kume ukugunyazwa kwezimpi zesibhakela eMzansi. Emasontweni adlule ophromotha abahlukene baseKZN bazwakalise ukungenami ngokuthi izimpi aziqhubeki ekubeni sezihleliwe. Ekupheleni kwesonto eledlule, uKodwa uxazulule lokho ngokuqoka uMandla Ntlanganiso esikhundleni esiphezulu. UNtlanganiso unikwe amandla okugunyaza izimpi ezweni lonke.
Okwenza bagcine sebekluluzana ophromotha eKZN wukuthi uZandile Malinga weStarline Promotions usohlakeni lweNPBPA okuyilona olulwa noKodwa. Abanye opromotha bambona njengengxenye ‘yezitha’ zesibhakela eMzansi.
Izimpi ebeziKwaMashu Indoor Sports Centre ngeSonto, ziphenduke inkundla yokuvulelana izifuba kophromotha baseKZN, kwahlala obala ukuthi abasahoshelani.
Kulezi zimpi ebezihlelwe yiLightning Boxing Promotions, uThami Luthuli waseNkandla, uwine ibhande leKZN Junior Flyweight ehlula uSiphelele Myeza ngamaphuzu.
USandile Vilakazi weSiyathaba Boxing Promotions, uthe akufanele kuvinjwe izimpi. UVilakazi ngomunye wabazwakalise ukungenami ngokuthi lo mdonsiswano umisa izimpi.
“Okubalulekile wukuthi izimpi ziqhubeke. Lokhu okwenzekayo kuyasibulala isibhakela. Sicela ungqongqoshe asilungisele lesi simo. Siyabonga ukuthi lezi zimpi zigcine zenzekile,” kusho uVilakazi.
UMalinga uthe: “Asizami ukuphazamisa umdlalo wesibhakela njengoba abezindaba bebika kanjalo. Kodwa sizama ukuthi izinto zihanjiswe ngomthetho ovele ukhona ukuze izinto zizolunga, kuqhubeke kanjalo esikhathini esizayo.”
Abanye ophromotha abakhulumile bebemile kwelokuthi ukumiswa kwezimpi akufanele.
Nakuba izimpi ziqhubekile ngempelasonto edlule kodwa kuvele ukuthi abeNPBPA abaneme ngalokhu.