KUBATSHWAZWE amandla kaRetshegofaditswe "Ox" Nche, othwale AmaBhokobhoko kunzima ebhekene ne-England kowandulela owamanqamu eNdebeni yoMhlaba eqhubekayo eFrance, agcina enqobe ngo 16-15 sekuvalwe amehlo.
AmaBhokobhoko asezobhekana neNew Zealand kowamanqamu eStade de France ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku. I-England isizobanga indawo yesithathu ne-Argentina ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku.
UNche, odlala phambili (kwi-loosehead prop), ngomunye wabadlali abangene besuka ebhentshini emdlalweni obuseStade de France eParis ngeSonto ebusuku, sekubonakala sengathi i-England iyayijuqa iNingizimu Afrika.
Ungene ngomzuzu ka-49, ethatha indawo kaSteven Kitshoff. Kuthe kusadlule imizuzu emine i-England yalinyusa igebe kwaba ngu 15-6 nge-dropgoal ekhahlelwe ngu-Owen Farrell.
UNche uqale ukushintsha izinto ngomzuzu ka-69 ehlehlisa uKyle Sinckler ngesikhathi la maqembu edudulana kwi-scrum, iqembu lakuleli lathola iphenathi.
UHandre Pollard uyithumele engxenyeni ye-England yenkundla, okuholele ekutheni u-RG Snyman agcine eshaye i-try.
Uphinde wasebenzisa amandla akhe ngomzuzu ka-77, amaBhokobhoko athola enye iphenathi uPollard ayivalele phakathi, iqembu lakuleli ladlula kanjalo ngembobo yenaliti kumaNgisi.
Lesi sikhondlakhondla esidabuka eBloemfontein, sidume nangokufaka izithombe ezinkundleni zokuxhumana sidla amakhekhe nombhalo ofundeka kanje “Amasaladi awakusizi ukuthi unqobe ama-scrum”.
Esinye sezitolo ezinkulu zakuleli, iWoolworths, sesithembise ukumupha amakhekhe unyaka wonke kulandela ukunqoba kwamaBhokobhoko, uphinde watuswa yinqwaba yabalandeli ezinkundleni zokuxhumana.
UMike Ramothwala ebhala enkudleni yezokuxhuman, i-X, ebiyaziwa ngeTwitter, uthe: “Iqhawe lesizwe u-Ox Nche. Namuhla siyisizwe sijabule ngoba akawadli amasaladi.”
UPrince Zuko yena uphawule, kanje: “Umehluko kube ngu-Ox Nche. Ushintshe umdlalo ngokusinika umfutho kuma-scrum. Lokhu kuholele ekutheni sithole amaphenathi, sakwazi ukufaka i-England ngaphansi kwengcindezi.”
Ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, uncome abasuke ebhentshini neqembu lonke ngokwenza umsebenzi wabo ukuze bazibeke ethubeni lokuvikela isicoco kowamanqamu.
“Abadlali abangaqali bayazi ukuthi uma bengena likhona ithuba lokwenza umehluko. Sonke sidlala izindima ezahlukene kuleli qembu futhi siyakuhlonipha lokho.
Ukuthola kwethu i-scrum bese u-Ox, uVincent (Koch) noBongi (Mbonambi) bekhombisa amandla kube yisimangaliso. UBongi ukhule kakhulu selokhu salahlekelwa nguMalcolm (Marx). Uyazethemba futhi uyazibophezela,” kusho uKolisi ngemuva komdlalo.
“U-Ox nabadlali abadudula ngemuva kwakhe benze umsebenzi omkhulu. Siyaziqhenya ngendlela esidudula ngayo kuma-scrum. Thina esiqala umdlalo senze konke okusemandleni ethu, yilokho okusemqoka.
Siyazama ukubeka isisekelo kodwa ngezinye izikhathi kuba nzima. I-England ibivele ingeke isivumele ukuthi sizenzele umathanda. Laba abangenile benze umehluko njengoba benzile ngesonto eledlule.”
Nakuba abadlali abebesuka ebhentshini befike nomfutho umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, uthe lokhu akusona isizathu sokushintsha iqembu elizoqala kowamanqamu neNew Zealand ngoMgqibelo.
“Njengoba ngike ngasho phambilini mayelana nokuqokwa kweqembu, singakhetha izinhlanganisela ezihlukene ebhentshini kodwa okumqoka wukuthi siyiqembu labadlali abangu-23 futhi wonke umuntu uyawuqonda umsebenzi wakhe.
“Okwenza i-’Bomb Squad’ noma abafana abasuka ebhentshini benze kahle wukuthi labo abaqalayo basuke sebewenzile owabo umsebenzi.
Yilokho abantu abaningi abangakuqapheli. Bayakubona okwenziwa yilaba abasuka ebhentshini kodwa abawunaki umonakalo odalwa ngabaqalayo eqenjini abasuke bedlala nalo.
“Yinto esiyixoxayo nabadlali futhi baqonda kahle kamhlophe ukuthi sisebenza kanjani. Asinalo iqembu lokuqala nelesibili. Asisebenzi kanjalo.”