KUFANELE wukuthi alahlisa ithemba kubalandeli amazwi omqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, mayelana nokubonakala enkundleni “okokugcina’’ kukanozinti u-Itumeleng Khune okwamenyezelwa ukuthi uyagcina ukudlalela Amakhosi njengoba kusongwa isizini ka-2023/2024 ekupheleni kwenyanga.
UKhune ubesebhentshini ngempelasonto edlule ngesikhathi iChiefs idlala ngokulingana ngo 1-1 naMaZulu emdlalweni weDStv Premiership eThekwini. Ubeqala ukubonakala kusukela amiswa yiqembu ngoDisemba ngenxa yokungaziphathi kahle okwalandelwa yizinkulumo zokuthi ufike eqenjini ephuzile.
Amakhosi aveza ukuthi amfake ohlelweni oluyisipesheli oluzomsiza ukuthi abhekane nalokhu. Nakuba iChiefs yamemezela kuqala isizini ukuthi uKhune usayine inkontileka yokugcina eNaturena kodwa yena wakuveza ukuthi usafuna ukuqhubeka nokudlala. Amakhosi aphinda akugcizelela ukuthi asamile kulokhu akumemezela ekuqaleni kwesizini.
Inkulumo kaJohnson kwabezindaba ngemuva komdlalo naMaZulu, idwebe isithombe sokuthi uKhune kungenzeka angalitholi okungenani ithuba “lokuvalelisa” kubalandeli baMakhosi enkundleni. Kusukela ngasekupheleni kuka-2023, ijezi kuMakhosi liphathwe nguBruce Bvuma olihlwithe kuBrandon Petersen obenza amaphutha.
“Ezindlini zokushintshela kuhlala kunomuzwa omuhle. U-Itu uhlala esinika umuzwa wokubheka izinto ngeso elihle nokuthi usehlale lapha iminyaka engu-20. Ubaluleke kakhulu futhi uyazi ukuthi kufanele afake isandla. Ubuyile ebhentshini manje ngoba siyazi ukuthi uBrandon uthole ikhadi elibomvu. Bekungabazeka ukuthi uzokwazi (ukuba sebhentshini) kodwa onkulunkulu bebhola bamnike ithuba lokuba sebhentshini emidlalweni embalwa ngoba uBrandon engekho. Kodwa futhi kufanele sibone ukuthi ubani unozinti wesibili kodwa okwamanje uBruce uyena unozinti wokuqala,” kusho uJohnson.
Nakuba abalandeli babevele bengayizwa eyokunikwa inkontileka yokugcina kukaKhune kodwa baqala phansi ukuyikhuluma emuva kokuthi eshaye into ecokeme emdlalweni weCarling Black Label Cup eyibambe eqenjini leCarling All Star ePolokwane ezinyangeni ezedlule.
Ukumiswa kwakhe kuholele ekutheni ligcogcome ibhande likakaputeni. Kubadlali abaliphathile kukhona uYusuf Maart oyibamba enkabeni yenkundla. Ngempelasonto edlule belinikwe uThatayaone Ditlhokwe obuya ekulimaleni.
“Bathathu noma bane okaputeni eqenjini. UYusuf omunye wabo, uMsimango (Given) naye, uKeagan (Dolly), u-Itu ngomunye wabo no-TT (Ditlhokwe). Ngakho enkundleni, kukhethwa ngokuvuthwa ngokulandelana kwabo. Ngebhadi abanye abadlali abekho ngenxa yokugula, ukulimala noma basebhentshini. U-TT bekufanele athwale umthwalo. Akuhlangene nokuthi ubelimele,” kusho uJohson.
IChiefs izobuyela enkundleni ngoMgqibelo isiyobhekana nePolokwane City emdlalweni owandulela owokugcina wePremiership eFNB Stadium, eNasrec, ngo-3 ntambama. Kulo mdlalo kumqoka ukuthi izishayele ukuze iqhubeke nokuhlala endaweni yesishiyagalombili kwi-log. La maqembu ayalingana ngamaphuzu awu-35 ahlukaniswe amagoli. IRise and Shine ibambe indawo yesishiyagalolunye.