Sebuzokwehla nobuthongo kumqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli labesilisa lombhoxo weSevens, uPhilip Snyman, njengoba ligcine lizibekisele indawo kuma-Olympic.
AmaBlitzbokke aqale ahluleka ukungena kulo mqhudelwano eshaya udaka kwiWorld Sevens Series. Abuye athole elinye ithuba lokulwela ithikithi elibheke kuma-Olympic aqala ngenyanga ezayo eParis kodwa ahluleka wukudla isicoco seRugby Africa Men’s Sevens.
Izinto zigcine ziwalungele emqhudelwaneni wokugcina wokuhlunga obuseMonaco lapho eguqise khona iGreat Britain ngo 14-5 kowamanqamu ngeSonto.
Iqembu likaSnyman belishaye iMexico ngo 44-0, iTonga ngo 31-7 neChile ngo 26-7 esigabeni samaqoqo. Kuma-quarter-final lidlule kwi-Uganda ngo 26-0, lakhipha iCanada ngo 28-0 kowandulela owamanqamu.
Lokhu kusho ukuthi selizojoyina iqembu lesizwe labesifazane eParis. Imbokodo yazibekisela indawo ngokunqoba iRugby Africa Women’s Sevens.
“Sibhekane nobunzima ezinyangeni ezedlule kodwa sesibuyile. Besizifake thina obishini, kwadingeka ukuthi sithembele kulo mqhudelwano wokugcina kodwa kufanele sibashayele ihlombe abadlali ngendlela abalwe ngayo,” kusho uSnyman.
“Size kulo mqhudelwano sazi ukuthi ukuvala kahle emuva yikhona okuzoba wukhiye, sangenelwa ama-try amathathu kuphela emidlalweni eyisithupha. Kufanele banconywe abafana ngalokho.
“Besisesimweni esingesihle kodwa basebenzile abadlali ngoba sesizoya eParis. Sesikhululekile emoyeni kodwa umsebenzi awukapheli.”
Ukaputeni, uSelvyn Davids, naye uncome ozakwabo nethimba labaqeqeshi ngokuwuhlelela kahle lo mqhudelwano omqoka, nangokubambisana ngisho kunzima.
“Iqembu belifuna ngempela ukunqoba. Size lapha sizilungiselele kahle, sizethemba futhi sinezinhlelo eziqinile zemidlalo. Sithanda ukubonga abaqeqeshi bethu, abalandeli kanye nawo wonke amaqembu esidlale nawo ngokungasenzeli izinto zibe lula, ikakhulukazi iGreat Britain,” kusho uDavids.
“Besazi ukuthi kuzoba yimpelasonto enzima kodwa indlela esibhekane ngayo nazo zonke izinselelo esiphoselwe zona yenza ngiziqhenye ngokuba wukaputeni wamaBlitzbokke.”
IWorld Rugby isimemezele ukuthi amaqembu azogadulisana eParis aqhathwe kanjani kweyamaqoqo.
AmaBlitzbokke afakwe ne-Ireland, New Zealand neJapan kuPool A, i-Argentina iqhathwe ne-Australia, Samoa neKenya kuPool B, bese osokhaya iFrance bebhekana neFiji, USA ne-Uruguay kuPool C.