LITHEMBELE ekubuyeni kwabadlali asebemnkantshubomvu iqembu lesizwe labesifazane lombhoxo elizoqala umqhudelwano iRugby Africa Women’s Cup eMadagascar kusasa.
AmaBhokobhoko azodlala owokuqala wamaqoqo neCameroon eStade Maki, e-Antananarivo, ngo-12 emini.
USizophila Solontsi noNomawethu Mabenge babuyile njengoba bagcina ukudlala eqenjini lesizwe emqhudelwaneni ofanayo nyakenye. ULusanda Dumke noNompumelelo Mathe nabo bazobe bedlalela iqembu likaLouis Koen okokuqala kulo nyaka.
UKoen wenze izinguquko eziyisishiyagalombili eqenjini elaqala emdlalweni wakamuva ne-United States of America eLondon ngoMashi 30.
Lizobe liholwa nguNolusindiso Booi kodwa uKoen ujabule ngokuba nabadlali abanamava abathe xaxa eqenjini.
“Kuyajabulisa ukubuya kukaSizo noNomawethu nokuqala kukaLusanda ebhentshini.
“Besishodelwa abadlali abanesipiliyoni ezindaweni ezithile njengoba sibonile ohambweni lwethu lwakamuva lwase-Europe futhi bazosisiza kulokho.
“Sidinga ukuwunqoba lo mqhudelwano ukuze sihlungele iNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo. Ngakho ngeke sikwazi ukumelana namaphutha. Ngicabanga ukuthi iqembu esilikhethile likhombisa lokho.”
I-Rugby Africa Women’s Cup wumqhudelwano odlalwa amazwe amane akleliswe phambili e-Afrika, okuyiNingizimu Afrika, Kenya, Madagascar neCameroon.
Nyakenye amaBhokobhoko aba ngompetha ngokuqhwakela kwi-log, kulandela ukuyinqoba yomithathu imidlalo yawo.
Anenebula iCameroon ngo 87-0, athela phansi iKenya ngo 48-0 kwathi iMadagascar ayishaya ngo 79-8. Yize azigwazela ibhece kodwa uKoen uthe kubalulekile ukuthi abadlali bangathembeli emlandweni.
“Umdlalo ngamunye uletha izinselelo ezintsha futhi sikulungele ukubhekana nazo. Sizogxila emandleni ethu nokuthi singawasebenzisa kanjani ukwehlula amaqembu esizobhekana nawo. Sizilungiselele kahle futhi siya kulo mdlalo sikuqonda kahle ukuthi yikuphi esifuna ukukwenza ukuze siphumelele,” usho kanje.
Ompetha balo mqhudelwano bazozibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba ezokuba se-England ngonyaka ozayo kusukela ngo-Agasti kuya kuSepthemba.
Iqembu lamaBhokobhoko esifazane elizobhekana neCameroon: 15. Chuma Qawe, 14. Nomawethu Mabenge, 13. Veroeshka Grain, 12. Piwokuhle Nyanda, 11. Maceala Samboya, 10. Mary Zulu, 9. Rumandi Potgieter, 8. Sizophila Solonts, 7. Samantha Els, 6. Nompumelelo Mathe, 5. Nomsa Mokwai, 4. Nolusindiso Booi, 3. Aliyah Tchogna-Njamen, 2. Lindelwa Gwala, 1. Sanelisiwe Charlie.
Ebhentshini: 16. Roseline Botes, 17. Xoliswa Khuzwayo, 18. Azisa Mkiva, 19. Vainah Ubisi, 20. Lusanda Dumke, 21. Tayla Kinsey, 22. Aphiwe Ngwevu, 23. Byrhandrè Dolf.